“Ngizungeza I-altare Lakho, Jehova”
“NGIYAHLAMBA izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova.” (IHubo 26:6) Ngalawo mazwi, iNkosi uDavide yazwakalisa ukuzinikela kwayo kuJehova. Nokho, kungani ‘yayizungeza’ i-altare likaJehova, futhi yayikwenza ngamuphi umqondo?
KuDavide, isikhungo sokukhulekela uJehova sasiyitabernakele ne-altare lalo lomnikelo elimbozwe ngethusi, lelo phakathi nokubusa kwakhe laliseGibeyoni, ngasenyakatho yeJerusalema. (1 AmaKhosi 3:4) Lelo altare lalingamamitha-skwele angaba ngu-2,2 kuphela, lilincane kakhulu kunesizemazema se-altare elalizokwakhiwa egcekeni lethempeli likaSolomoni.a Yize kunjalo, uDavide wayelijabulela kakhulu lelo tabernakele ne-altare lalo, elaliyisikhungo sokukhulekela okuhlanzekile kwa-Israyeli.—IHubo 26:8.
Kwakwenziwa iminikelo yokushiswa, imihlatshelo yenhlanganyelo neminikelo yesono kulelo altare, futhi ngoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke kwakunemihlatshelo eyayenzelwa isizwe. Lelo altare nemihlatshelo yalo lisho okuthile kumaKristu namuhla. Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi i-altare lalimelela intando kaNkulunkulu, amukela ngayo umhlatshelo ofanele wokuhlengwa kwesintu. UPawulu wathi: “‘Ngalentando’ eshiwo singcwelisiwe ngomnikelo womzimba kaJesu Kristu kanye kube kuphela.”—Heberu 10:5-10.
Lapho sebezokhonza e-altare, abapristi babegeza ngokwesiko izandla zabo ngamanzi ukuze bahlanzeke. Kungokufanelekayo-ke ukuthi iNkosi uDavide yageza izandla zayo ‘ingenacala’ ngaphambi ‘kokuzungeza i-altare.’ Yenza izinto “ngenhliziyo engenacala nangobuqotho.” (1 AmaKhosi 9:4) Uma yayingazange igeze izandla zayo ngale ndlela, ukukhulekela kwayo—‘ukuzungeza kwayo i-altare’—kwakungeke kwamukeleke. Yiqiniso, uDavide wayengeyena umLevi futhi wayengenalo ilungelo lokwenza inkonzo yobupristi e-altare. Nakuba ayeyinkosi, wayengavunyelwe ngisho nasegcekeni letabernakele. Nokho, njengomIsrayeli othembekile, wayelalela uMthetho KaMose futhi eyiletha njalo iminikelo yase-altare. Wayezungeza i-altare ngomqondo wokugxilisa ukuphila kwakhe ekukhulekeleni okumsulwa.
Ingabe nathi singasilandela isibonelo sikaDavide namuhla? Yebo. Nathi singageza izandla zethu singenacala futhi sizungeze i-altare likaNkulunkulu uma sibonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu futhi sikhonza uJehova ngomphefumulo wonke, ‘ngezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo.’—IHubo 24:4.
[Umbhalo waphansi]
a Lelo altare lalingamamitha-skwele angaba ngu-9.
[Isithombe ekhasini 23]
I-altare lalifanekisela intando kaJehova, amukela ngayo umhlatshelo ofanele wokuhlengwa kwesintu