Ukupha Okuyigugu Emehlweni KaJehova
Le ncwadi elandelayo yatholwa ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMozambique:
“Ngingumfana oneminyaka engu-7 ubudala. Ngisesesikoleni sabaqalayo. Ngithumela le mali engiyithole ngokukhulisa itshwele. Ngalithengisa ngo-R6. Ngibonga uJehova ngokwenza leli tshwele lokuqala ngqá ukulikhulisa likhule lize libe iqhude. Ngingathanda ukuba lesi sipho sami sisetshenziselwe umsebenzi woMbuso kaJehova.
“Siza Uphawule: Ngisizwe ubaba ukubhala le ncwadi.”
Abanye abantu bahlobanisa ukuba nesandla esivulekile nalabo abanensalela yezinto ezibonakalayo. Nokho, lapho sifunda ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene nomfelokazi owakhalakathelisela ebhokisini lomcebo “izinhlamvu zemali ezimbili ezincane zenani elincane kakhulu,” singabona ukuthi ukuba nesandla esivulekile akulinganiswa ngobuningi balokho okunikelwayo, kodwa ngokuthambekela kwengqondo okufanele.—Luka 21:1-4.
UJehova wazisa isipho ngasinye esivela enhliziyweni eshukunyiswa uthando, kungakhathaliseki ukuthi sincane kangakanani. Futhi ubabusisa kakhulu labo abalingisa isibonelo sakhe sokuba nesandla esivulekile ngokunikela ngesikhathi sabo, amandla noma izinto zabo ezibonakalayo ngenxa yoMbuso wakhe.—Mathewu 6:33; Heberu 6:10.