Isenzakalo Esikhethekile—Ingabe Uyoba Khona?
NGOSUKU olungayikulibaleka eminyakeni engaphezu kwengu-3 500 edlule, uJehova uNkulunkulu wayala ukuba umkhaya ngamunye wezigqila ezingama-Israyeli eGibithe uhlabe imvu noma imbuzi bese ufafaza igazi layo ezinsikeni nasemishayweni yeminyango yendlu yawo. Ngabo lobo busuku, ingelosi kaNkulunkulu yazidlula (passed over) izindlu ezaziphawulwe ngale ndlela kodwa yabulala amadodana angamazibulo emizini yabo bonke abaseGibithe. Ama-Israyeli abe esekhululwa. Njalo ngonyaka ngosuku okwenzeka ngalo leso senzakalo, amaJuda ayegubha iPhasika (Passover).
Ngokushesha ngemva kokuba uJesu Kristu eseqedile ukugubha iPhasika lakhe lokugcina nabaphostoli bakhe, wamisa isidlo esasizoba isikhumbuzo sokufa kwakhe okungumhlatshelo. Wanika abaphostoli bakhe isinkwa esingavutshelwe, wathi: “Thathani, yidlani. Lokhu kusho umzimba wami.” Wabe esebanika indebe yewayini, wathi: “Phuzani kuyo, nonke; ngoba lokhu kusho ‘igazi’ lami ‘lesivumelwano,’ elizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.” UJesu wathi futhi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Mathewu 26:26-28; Luka 22:19, 20) Ngakho uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bagubhe lesi sikhumbuzo sokufa kwakhe.
Kulo nyaka, usuku uJesu afa ngalo lungoLwesithathu, ngo-April 19, ngemva kokushona kwelanga. OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazohlangana ngalokho kuhlwa okukhethekile ukuze bagubhe lesi Sikhumbuzo ngendlela uJesu ayala ngayo. Umenywa ngokufudumele ukuba uhlanganyele nathi ekusigubheni. Siza ubuze oFakazi BakaJehova bendawo isikhathi esiqondile nendawo yalo mhlangano.