Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w00 3/15 k. 32
  • Akukhumbulayo NgeNew York City

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Akukhumbulayo NgeNew York City
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
w00 3/15 k. 32

Akukhumbulayo NgeNew York City

UPHAWU oluboniswe lapha luye lwabekwa lwagqama kwesinye sezakhiwo zefektri ye-Watchtower Society eBrooklyn, eNew York kusukela ngawo-1950. Abahamba ngezinto zokuhamba, ababuki bamazwe nabanye abadlula lapho bakhunjuzwa ukuba bafunde iBhayibheli nsuku zonke. Incwadi elandelayo, evela entombazanyaneni enguFakazi, ibonisa ukuphumelela kwalesi sikhumbuzo.

Ngangixoxa nengifunda naye ekilasini ngalokho engifuna ukukwenza lapho ngiqeda esikoleni esiphakeme. Ngaqala ukukhuluma ngeBethel, indlunkulu yoFakazi BakaJehova, futhi wajabula kakhulu. Wangitshela ukuthi wayehlale eNew York City ukuphila kwakhe konke. Umkhaya wakubo wawungebona abantu abayithanda kakhulu inkolo, kodwa njalo ekuseni lapho ebheka efasiteleni, kwakunophawu olwaluthi ‘Funda IZwi LikaNkulunkulu IBhayibheli Elingcwele Nsuku Zonke.’ Ngakho iBhayibheli lakhe wayelifunda nsuku zonke ngaphambi kokuba aye esikoleni.

“Ngemva kokusuka kulelo dolobha, uthi into ayikhumbulayo ngeNew York City ukuthi lapho evuka, akasasiboni isikhumbuzo sokuba afunde iBhayibheli lakhe. Kodwa ngenxa yophawu olusesakhiweni se-Watchtower Society, ukufunda iBhayibheli kuye kwaba umkhuba, ngakho uyaqhubeka efunda iBhayibheli nsuku zonke!”

Iyiphi indlela engaba ngcono yokuqala usuku kunokufunda ingxenye yeZwi likaNkulunkulu! Ngokwenza kanjalo, akungabazeki ukuthi uyowaqonda amazwi omphostoli uPawulu athi: “Imibhalo engcwele, [ikwazi] ukukuhlakaniphisela insindiso ngokholo olumayelana noKristu Jesu.”—2 Thimothewu 3:15-17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela