Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w00 3/1 k. 32
  • Yabuyisela Izindandatho Eminweni Yabo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yabuyisela Izindandatho Eminweni Yabo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
w00 3/1 k. 32

Yabuyisela Izindandatho Eminweni Yabo

“BHEKA iminwe yami. Kukhona okuhlukile okubonayo?” Indoda yalulela isandla kowesifazane ongomunye woFakazi BakaJehova, wasibuka futhi waqaphela ngokushesha ukuthi indandatho yayo yomshado yayingekho. Wachaza ukuthi yena nomkakhe banqume ukuba bafake isehlukaniso ngoba bengasezwani. “Kahle bo!” kusho uFakazi. “Thatha le ncwadi uyifunde. Izokusiza emshadweni wakho.” Wamnikeza ikhophi yencwadi esekelwe eBhayibhelini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.a

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa le ndoda yabuyela kuFakazi ijabule. Yambonisa isandla sayo. Manje yayisifake indandatho yayo yomshado. Yamtshela ukuthi yona nomkayo bafunde incwadi Ulwazi nokuthi manje bajabule kakhulu. Incwadi yayizibuyisele ngokoqobo izindandatho eminweni yabo.

Iseluleko seBhayibheli singasiza indoda nomfazi ukuba babonisane uthando lwangempela. Lokho kunjalo ngoba umlobi weBhayibheli nguMdali wethu, othi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela