Lapho ‘Umoya Umelene Nathi’
Lapho echaza lokho abafundi bakaJesu ababhekana nakho ngokoqobo lapho belwa kanzima ukuze bawele uLwandle LwaseGalile ngesikebhe, umlobi weVangeli uMarku uthi ‘babesebunzimeni ekugwedleni kwabo, ngoba umoya wawumelene nabo.’ Esesogwini, uJesu wasibona isimo sabo esibucayi futhi wahamba ngokuyisimangaliso phezu kolwandle ukuze afinyelele kubo. Lapho egibela esikebheni kanye nabo, umoya wanqamuka.—Marku 6:48-51.
Lo mlobi weBhayibheli wabika ukuthi esenzakalweni esingaphambi kwaleso, “kwaba khona isiphepho esikhulu esinamandla.” UJesu “wawukhuza umoya . . . , umoya wanqamuka, futhi kwaba nokuzola okukhulu.”—Marku 4:37-39.
Nakuba thina namuhla singenalo ilungelo lokubona izenzakalo ezinjalo eziyisimangaliso, singafunda okuningi kuzo. Njengabantu abangaphelele abaphila esikhathini esigcwele izingozi, asivikelekile emimoyeni yosizi. (2 Thimothewu 3:1-5) Eqinisweni, ngezinye izikhathi singase sibe nomuzwa wokuthi ukucindezeleka okuhlobene novivinyo lomuntu siqu kuba namandla njengesiphepho. Kodwa lukhona usizo! UJesu ukhipha isimemo esithi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.”—Mathewu 11:28.
Lapho kubonakala sengathi ‘umoya umelene nathi,’ singaba “nokuzola okukhulu” kwenhliziyo. Kanjani? Ngokuthembela ezithembisweni zikaJehova uNkulunkulu ezingeke zihlale zingagcwaliseki.—Qhathanisa no-Isaya 55:9-11; Filipi 4:5-7.