Ukubhekana Nezinselele Zokuba Umzali
UKUKHULISA izingane namuhla, ikakhulukazi lezo ezeve eshumini nambili, kuyinselele enkulu kubazali. I-Gazette yaseMontreal, eCanada, ibika ukuthi ukulinga utshwala nezidakamizwa kuye kwaba “umkhuba kwabasha.” Igcizelela ukuthi abazali ‘banomthwalo wemfanelo wokuqaphela ushintsho ekuziphatheni kwentsha [yabo].’
Yini okufanele abazali bayibheke engase ibonise izinkinga ezinjalo zentsha? Ezinye zezimpawu eziyisixwayiso ezingokomzimba, ezingokomzwelo nezingokwenhlalo ezashiwo yi-American Academy of Child and Adolescent Psychiatry zihlanganisa ukukhathala okuhlala njalo, ukushintsha kobuntu nesimo sokuthukuthela, ukuchitha isikhathi eside ngokweqile ezikhiyele egunjini lokulala, umkhuba wokubhekana ngeziqu zamehlo nokungena enkingeni ngenxa yokwephula umthetho.
Abazali bangazivikela kanjani izingane zabo ekulingeni izinto okulimaza kangaka kanye nasemiphumeleni yako engemihle? UDkt. Jeffrey L. Derevensky, waseMcGill University, ukholelwa ukuthi ukuxoxa ngokukhululekile nokukhuthaza ukuhloniphana phakathi neminyaka yokukhula kwengane kungase kunciphise izinkinga kamuva. I-Gazette inezela nokuthi ngisho noma kungavela isifiso sokuzimela ngesikhathi sobusha, intsha iyaqhubeka idinga “isiqondiso, ukusekelwa, izimiso nothando okunikezwa abazali bayo.” Lokhu kuphawula kwenanela isaga seBhayibheli esithi: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.” (IzAga 22:6) UNkulunkulu weluleka abazali ukuba babe izibonelo, abangane, abantu abaxoxayo nabafundisayo.—Duteronomi 6:6, 7.