Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukwanda Okungokwasezulwini ENamibia
IZINDABA ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zaqala ukufika eNamibia ngasekupheleni kwawo-1920. Kusukela ngaleso sikhathi, amakhulu abantu abanhliziyo ziqotho aye asabela esigijimini sikaNkulunkulu sensindiso. Izenzakalo ezilandelayo zibonisa indlela uJehova ababuthela ngayo emhlanjini wakhe laba abanxanelekayo.—Hagayi 2:7.
◻ UPaulus, oziphilisa ngokulima ohlala enyakatho-mpumalanga yeNamibia, waqala ukuthintana noFakazi BakaJehova lapho evakashele eWindhoek, eyinhloko-dolobha. UPaulus washeshe wakholiseka ukuthi wayethole iqiniso. Wabuyela ekhaya nencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Kwabe sekuthi lapho esohambweni elibangise eRundu, idolobha eliseduze elineHholo LoMbuso, uPaulus wathola oFakazi wayesebancenga ukuba bamvakashele.
Nokho, ibanga lalilide kakhulu ukuba oFakazi beze bazoqhuba isifundo seBhayibheli noPaulus. Ngaphandle kokuphela amandla, uPaulus waqala ukuzitadishela iBhayibheli yedwa. Ngaphezu kwalokho, washumayela kwabanye ngentshiseko ngezinto ayezifunda. Ngokuhamba kwesikhathi, kwakheka iqembu lesifundo seBhayibheli. Lapho leli qembu elincane lizwa emsakazweni ukuthi kwakuzoba nomhlangano woFakazi BakaJehova eRundu, labekelela imiholo yalo ewubala layihlanganisa labe selihlela into yokuya kuwo.
Yeka ukuthi kwaba yinto ejabulisa kanjani kulaba ukuhlangana noFakazi BakaJehova okokuqala ngqá! Ngokushesha kwenziwa amalungiselelo okuba abazalwane abafanelekayo balivakashele njalo leli qembu. Namuhla, kunabamemezeli abayisithupha endaweni uPaulus ahlala kuyo.
◻ UJohanna waqala ukuba nesithakazelo egameni likaNkulunkulu lapho ezwa othile ekhuluma kabi ngoFakazi BakaJehova. Uyakhumbula: “Lapho ngiqala nje ukuzwa igama elithi Jehova, lagxila unomphela engqondweni yami, futhi ngaqala ukuzibuza ukuthi kazi ungubani uJehova. Ngangihlala nomyeni wami ngaseWalvis Bay ogwini lwaseNamibia. Ngesinye isikhathi saya edolobheni, ngafike ngabona oFakazi behambisa umagazini INqabayokulinda emgwaqweni. Ngathatha owodwa ngase ngicela isifundo seBhayibheli, njengoba nganginemibuzo eminingi. Ngakhala lapho bengitshela ukuthi babengeke bakwazi ukuza ngoba imoto yabo yayiphukile. Ngokushesha ngemva kwalokho umyeni wami washona, ngase ngihamba ngiyohlala eKeetmanshoop. Kwakunephayona elikhethekile (umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele) elalabelwe ukusebenza lapho, futhi ngathola kulo incwadi ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Zibekwa nje, ngabona ukuthi yayineqiniso.
“Ekugcineni, ngacelwa ukuba ngihlanganyele emsebenzini wokushumayela, kodwa ngangibesaba kakhulu abantu. Lapho ngihamba endlini ngendlu, ngangithandaza kuJehova ngicela ukuba angivumele ngife kunokuba athi ngishumayele. Lapho ngiqala ukufakaza emgwaqweni ngacasha emhubhaneni, nginethemba lokuthi akukho muntu owayeyongibona. Ngagcina ngiqungé isibindi ngokwanele ngabonisa umuntu owayedlula umagazini, futhi kwaba yima ngikwazi ukukhuluma. Ngalolo suku, ngosizo lukaJehova, ngahlanganyela ithemba lami elisekelwe eBhayibhelini nabantu abaningi.
“Namuhla, eminyakeni engu-12 kamuva, nakuba ngimpofu ngokwezinto ezibonakalayo, ngisalazisa ilungelo lenkonzo yokuphayona futhi ngisaqhubeka ngithola injabulo enkulu ekuhlanganyeleni iqiniso loMbuso nabanye.”