Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 11/15 k. 3
  • Ingabe IBhayibheli Lingasisiza Namuhla?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe IBhayibheli Lingasisiza Namuhla?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi Intsha Eningi Engayithandi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Kungani Sifunda IBhayibheli?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Indlela Ongazuza Ngayo Ngokugcwele Ekufundeni IBhayibheli
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 11/15 k. 3

Ingabe IBhayibheli Lingasisiza Namuhla?

“UMA uthatha iBhayibheli lilonke, cishe iphesenti elilodwa lalo elikufanelekelayo ukufundwa, kodwa yonke enye ingxenye yalo ayisebenzi futhi iyisidala.” Yasho kanjalo enye insizwa. Abaningi bangavumelana nayo. Nakuba iBhayibheli liseyincwadi ethengwa kakhulu kunazo zonke emhlabeni wonke, izigidi azilishayi mkhuba futhi azijwayelene nezimfundiso zalo.

Iphephandaba laseJalimane i-Süddeutsche Zeitung likaKhisimusi ka-1996 lathi “abafundi [beBhayibheli] bayaqhubeka bencipha. Kulesi sikhathi sesayensi yezinto zemvelo nalapho kwande khona ukuthanda izinto zezwe, kwabaningi ukulandisa kweBhayibheli kubonakala kuxaka futhi kunzima ukukuqonda.” Ukuhlola kuyawufakazela lo mbiko. Okunye ukuhlola kwembula ukuthi izingane eziningi azazi ngisho nokuthi ungubani ngempela uJesu. Kokunye ukuhlola, kwakungabantu abangaphansi kwengxenye yalabo okwaxoxwa nabo ababengalandisa indaba yeBhayibheli yendodana esaphazayo neyomSamariya olungileyo.

Incwadi yeSonto Labavangeli laseSwitzerland i-Reformiertes Forum ithi eSwitzerland iBhayibheli alisathengwa ngendlela elalithengwa ngayo ngaphambili. Ngisho naphakathi kwalabo abanalo iBhayibheli, ngokuvamile limane nje ligcwale izintuli emashalofini. Isimo singesifanayo naseBrithani. Ngokokunye ukuhlola, nakuba abantu abaningi benalo iBhayibheli, iningi labo kuyethukela lilifunda.

Ngakolunye uhlangothi, kunezigidi emhlabeni wonke ezinomuzwa ohlukile ngeBhayibheli. Zilibheka njengeZwi likaNkulunkulu eliyigugu neliwusizo. Ngakho, zilifunda njalo. Owesifazane othile osemusha wabhala: “Ngizama ukufunda isahluko esisodwa noma ezimbili zeBhayibheli ngosuku. Ngiyalijabulela kakhulu.” Abantu abanjalo bakuphawula ngokucophelela lokho iBhayibheli elikufundisayo, futhi bazame ukusebenzisa iseluleko salo ekuphileni kwabo. Bakholelwa ukuthi iBhayibheli lingabasiza kuleli zwe lanamuhla elinezinkathazo.

Uyini umbono wakho? Ingabe iBhayibheli alisebenzi esikhathini sanamuhla? Noma ingabe liyigugu futhi linenzuzo? Ingabe iBhayibheli lingasisiza namuhla?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela