Lungiselela Inkulungwane Yeminyaka Ebalulekile!
UKUBUSA KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyoletha izibusiso ezingenakubalwa emkhayeni wesintu. Ngaphansi kwesiqondiso sikaJesu sothando, isintu siyotakulwa esimweni saso samanje esidabukisayo sibe sekupheleleni okukhazimulayo. Cabanga ukuthi lokho kungasho ukuthini ngawe. Impilo enhle! Zicabange uvuka ekuseni usuku ngalunye uzizwa ungcono kunangayizolo. Izigidi zabesilisa, abesifazane nezingane zibheke phambili ekuphileni kuleso sikhathi esijabulisayo. Ziyaqiniseka ngaso futhi ziyasithandazela. Ukutadisha kwazo iBhayibheli kuye kwazenza zaqiniseka ukuthi zingazijabulela lezi zibusiso.
Nokho, ngaphambi kokuba aqale ukuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, uJesu Kristu kumelwe abasuse emhlabeni bonke abamelene nokubusa kwakhe. Lokhu uyokwenza empini ebizwa iBhayibheli ngokuthi i-Armagedoni. (IsAmbulo 16:16) AmaKristu eqiniso asemhlabeni ngeke alwe kuleyo mpi. Yimpi kaNkulunkulu. Futhi ngeke ibe sendaweni eyodwa. IBhayibheli lithi iyofinyelela nasezindaweni eziqhele kunazo zonke zomhlaba. Izitha zoMbuso kaKristu ziyobhujiswa. Akukho nesisodwa esiyosinda!—Jeremiya 25:33.
UJesu uyobe esephendukela kuSathane uDeveli namademoni akhe. Cabanga ngalo mbono, njengoba wabonwa umlobi wencwadi yesAmbulo: “Ngabona ingelosi [uJesu Kristu] yehla ivela ezulwini inesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. Futhi yambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, futhi yambopha iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:1, 2) Kamuva, uSathane namademoni akhe bayobhujiswa phakade.—Mathewu 25:41.
“Isixuku esikhulu, okungekho muntu [okwazi] ukusibala,” siyosinda e-Armagedoni. (IsAmbulo 7:9) UKristu uyosiqondisa ukuze sizuze ngokugcwele “emithonjeni yamanzi okuphila,” njengoba nje umelusi eqondisa izimvu zakhe emanzini asindisa ukuphila. (IsAmbulo 7:17) Bengaphazanyiswa uSathane namademoni akhe entuthukweni yabo engokomoya, labo abasinde e-Armagedoni bayosizwa kancane kancane ukuba banqobe ukuthambekela kwabo okunesono baze bafinyelele ekupheleleni ekugcineni!
Ngaphansi kokubusa kukaKristu kothando, izimo zokuphila ziyoqhubeka zithuthuka. UJehova uNkulunkulu, ngoJesu Kristu, uyosusa zonke izimbangela zobuhlungu nosizi. “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) Umprofethi u-Isaya unikeza umbono ophelele lapho ethi: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.” (Isaya 35:5, 6) Futhi abafileyo, “abakhulu nabancane,” bayobuyela ekuphileni benethemba lokungaphinde bafe!—IsAmbulo 20:12.
Ngisho namanje, siyaqoqwa “isixuku esikhulu” esiyosinda e-Armagedoni. Silungela ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Nakuba singazi ukuthi kuyoqala nini lokho kubusa, siyaqiniseka ukuthi kuyoqala ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe. Ungaba phakathi kwaso, kodwa nawe kumelwe uzilungiselele—hhayi ngokuthengisa impahla yakho nokuya endaweni ethile, kodwa ngokungenisa ulwazi olunembile ngoJehova uNkulunkulu nangezinjongo zakhe ngokutadisha iBhayibheli. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukubonisa, mahhala nangaphandle kwezibopho, indlela ukutadisha iBhayibheli okungakuzuzisa ngayo wena nomkhaya wakho. Abanyathelisi balo magazini bayokujabulela ukukunikeza ukwaziswa okwengeziwe.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Iminyaka Eyinkulungwane—Ingabe Ingokoqobo Noma Ingokomfanekiso?
Njengoba ingxenye enkulu yencwadi yeBhayibheli isAmbulo yabhalwa ngolimi olungokomfanekiso, kuphakama umbuzo. Kuthiwani ngokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane okukhulunywa ngakho kusAmbulo? Ingabe kuyinkathi engokoqobo noma engokomfanekiso?
Zonke izimpawu zibonisa ukuthi kushiwo inkathi engokoqobo eyiminyaka eyinkulungwane. Cabangela lokhu: Umphostoli uPawulu ubiza ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, isintu esizokwahlulelwa phakathi nakho, ngokuthi usuku. (IzEnzo 17:31; IsAmbulo 20:4) Umphostoli uPetru wabhala ukuthi usuku olulodwa (amahora angu-24) kuJehova lunjengeminyaka eyinkulungwane. (2 Petru 3:8) Lokhu kufakazela ukuthi lolu “suku” luyiminyaka eyinkulungwane engokoqobo. Ngaphezu kwalokho, kusAmbulo 20:3, 5-7, isikhathi ngasinye kwezine lapho kuvela khona amazwi athi ‘iminyaka eyinkulungwane,’ ahambisana nomunci ocacile embhalweni wesiGreki sokuqala. Lokhu kubonakala kubonisa inkathi enobude obuqondile.