“Ubuntu Obunamandla Obushukunyiswa Ukholo”
NGONYAKA ka-1998 kwakhululwa futhi kwanconywa kakhulu incwadi entsha yesiFulentshi enesihloko esithi Les Témoins de Jéhovah face à Hitler (OFakazi BakaJehova Bebhekene NoHitler), elotshwe nguGuy Canonici. Esanduleleni sale ncwadi, isazi-mlando esingumFulentshi esihlonishwa kakhulu uFrançois Bédarida sabhala: “Lena yincwadi eyamukelwa ngezandla ezimhlophe. Hhayi nje ngoba inikeza ukwaziswa esingenakho, kodwa ngoba ifike ngesikhathi esifanele. . . . Ngalé kochwepheshe, ubani nje owaziyo ngosizi loFakazi BakaJehova ngesikhathi seThird Reich? Nokho, phakathi neminyaka engu-12 yalo mbuso, babhekana nokushushiswa ngonya nobudlova obuphikelelayo. Futhi baphila ukuphila okushaqisayo kwasemakamu okuhlushwa. Nabo bahlupheka kakhulu ngenxa yokholo lwabo nezinto abazikholelwayo. Kungani umlando uye wawakhohlwa la maKristu? . . .
“Kungani leli hlelo elincane, elisakazekile nelingenangozi lashushiswa ngonya kangaka nangendlela ehleliwe? Yilokhu kanye okwenza le ndaba ibe yindida. OFakazi eJalimane babengagcini ngokuba yidlanzana emphakathini—izibalo zibonisa ukuthi babengaba ngu-20 000 ezakhamuzini ezingaphezu kwezigidi ezingu-60—kodwa futhi bonke babeyizakhamuzi ezinokuthula ezihlonipha umthetho futhi ezingasongeli muntu, ezazizifunela nje ukusebenza futhi zikhulise izingane zazo kahle. . . .
“Lokhu kushushiswa kwatholana phezulu nomzabalazo ongokomoya ophikelelayo nonqobayo wamakholwa akwazi ukubhekana namandla okucindezela kwangaphandle esebenzisa amandla angaphakathi okholo lwawo kuJesu Kristu, okwaqala ngokuhlukunyezwa amaphoyisa kaHulumeni—kwaze kwaba seqophelweni lobuqhawe nokufela ukholo.”
Indaba yoFakazi BakaJehova abahlupheka njengabafel’ ukholo ngenxa yokholo lwabo lobuKristu naphezu kokubandlululwa ngokwenkolo inamandla. Lapho libukeza le ncwadi, iphephandaba elihamba phambili lamaKatolika aseFrance, i-La Croix, lanezela ngendlela ethinta imizwelo: “Phakathi komlando wabo ongaziwa kangako, uGuy Canonici uye waqoqa inqwaba yobufakazi obenza umuntu asale ekhex’ umlomo lapho ebona ubuntu obunamandla obuqiniswe ukholo olwaluvezwa ngamazwi alula, ukholo olwalungenakwephulwa kwaze kwaba sekugcineni ngisho nasezinganeni. Ukukhunjulwa kwalezi zenzakalo kufanele kunikeze isisekelo kuyinkulumo-mpikiswano ekhona manje mayelana nesimo soFakazi BakaJehova njengamaKristu.”