“Niye Nawushintsha Umbono Wami NgoFakazi BakaJehova”
LEYO yindlela esinye isisebenzi sasejele lasePoland esasabela ngayo esihlokweni esikhuluma ngomsebenzi woFakazi BakaJehova, njengoba ubikwe kumagazini wethu ka-October 15, 1998. Isihloko esithi, “Lapho Izinhliziyo Zetshe Zisabela,” salandisa ngempumelelo oFakazi BakaJehova abaye baba nayo ekusebenzelaneni neziboshwa zasejele laseWołów, ePoland.
Ngaphambi kokuba le Nqabayokulinda eshiwo ngenhla isakazwe emphakathini, kwahlelwa umhlangano okhethekile ngo-September 13, 1998, ejele laseWołów ukuze inikezwe iziboshwa zalapho. Izimenywa zazihlanganisa oFakazi bendawo, iziboshwa ezibhapathiziwe nezinye ezinesithakazelo kanye nezisebenzi eziningana zakuleli jele. Okulandelayo kungokunye ukuphawula okwenziwa yilabo ababekhona.
UJerzy, omunye woFakazi BakaJehova owabhapathizwa ejele eminyakeni engaphezu kwemihlanu edlule, wathi: “Ngijabula kakhulu, njengoba namuhla ngikwazi ukufunda ngokuthi abazalwane basemabandleni aseduze benza umzamo ongakanani ukuze basisize.” Wanezela: “Ngihlale ngilwela ukuzithuthukisa, futhi ngiyayibona indlela uJehova abelokhu engilolonga ngayo.”
Esinye isiboshwa, okuthiwa uZdzisław, sathi ngokuphathelene nomsebenzi wokushumayela ejele: “Njengamanje, kuneziboshwa ezine ezizilungiselelela ubhapathizo, futhi abanesithakazelo bayaqhubeka beza emihlanganweni ehholo lethu. Lesi sihloko siyisikhuthazo esinamandla sokuba siqhubeke sisebenza kule nsimu.” Yeka isimo sengqondo esihle, uma sicabangela ukuthi uZdzisław usazodonsa iminyaka engu-19 ejele!
Ngemva kokufunda isihloko esikhuluma ngejele laseWołów, esinye isisebenzi sasejele sathi: “Kuye kwaba udumo ngokukhethekile kithi. Angikaze ngicabange ukuthi kungase kukhulunywe kahle kangaka ngaleli jele ngezilimi ezingu-130 emhlabeni. Ngiyanithanda, futhi ngiyayazisa imizamo yenu yokusiza iziboshwa.” Esinye isisebenzi sanezela: “Niye nawushintsha umbono wami ngoFakazi BakaJehova. Ngaphambili, nganginibheka njengabantu abayishisekela ngokweqile inkolo. Manje ngiyabona ukuthi ningabantu abaphila ngezimiso.”
Umqondisi wejele laseWołów, uMarek Gajos, wamomotheka wathi: “Ekuqaleni sasicabanga ukuthi kuncane kakhulu enizokufeza. Sasicabanga ukuthi ningenye nje inkolo enesifiso sokuguqula iziboshwa ngeBhayibheli. Nokho, lapho sibona imiphumela yomsebenzi wenu nisawuqala, sanquma ukubambisana ngokuseduze nani. Manje senineminyaka engu-9 niza lapha ngokungakhathali, futhi ngikwazisa kakhulu lokho eniye nakwenza kuze kube manje.”
Nokho, lesi sihloko siye samukelwa kanjani yibo bonke abantu ejele laseWołów? Iziboshwa zazinesithakazelo kakhulu kangangokuthi oFakazi ejele baphelelwa umagazini wabo. Izisebenzi zasejele nazo zabonisa isithakazelo ngokuzicelela abanye omagazini abangu-40. Ukuze kuhlangatshezwane nalesi sidingo esengeziwe, amabandla endawo asiza ngokunika abazalwane abasejele abanye omagazini abayikhulu. Ngesikhathi esifanayo, ababa khona emhlanganweni ejele banda.
UPiotr Choduń, isisebenzi sasejele esiye sabambisana ngokuseduze noFakazi BakaJehova, wathi: “Siye sanquma ukuba lesi sihloko sisixhome kuwo wonke amabhodi anezinto zokubukisa asejele. Sethemba ukuthi zonke iziboshwa ezingakatadishi iBhayibheli kanye nani zizowufunda lo magazini.”
Isibonelo esihle soFakazi nemizamo yabo yentshiseko yokushumayela iyaqhubeka iba nemiphumela emihle. Ngaphandle kweziboshwa ezingu-15 eziye zathuthuka zaze zabhapathizwa, kunezisebenzi ezimbili zasejele eziye zanikezela ukuphila kwazo kuJehova, kanti kunesinye isisebenzi sasejele esiye sacela isifundo seBhayibheli. Yiqiniso, abazalwane abashumayela ejele laseWołów baluyisa kuJehova uNkulunkulu lonke udumo ngempumelelo yabo.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 3:6, 7.
[Isithombe ekhasini 28]
OFakazi abathathu nesiboshwa lapho kwethulwa umagazini ehholo lezifundo lasejele