Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 8/15 kk. 3-4
  • Ingabe Uyakuthanda Ukuphila?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakuthanda Ukuphila?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Isibopho Esiphelele Somuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ukuphila Kwakho—Iyini Injongo Yako?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Yini Eyenza Ukuphila Kwanelise?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Kukhona Okwengeziwe Ekuphileni!
    Kukhona Okwengeziwe Ekuphileni! (ml)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 8/15 kk. 3-4

Ingabe Uyakuthanda Ukuphila?

“NGIVUMELENI ngibone ukukhanya.” Lawa ngamazwi okuthiwa ashiwo yimbongi yase-Italy uGiacomo Leopardi kulabo ababeyinakekela ngaphambi nje kokufa kwayo. La mazwi abonisa indlela umuntu akuthanda kakhulu ngayo ukuphila, okumelelwa ukukhanya.

Ukuthanda ukuphila kuwumuzwa onamandla oyigugu oshukumisela iningi labantu ukuba ligweme izingozi futhi lenze konke elingakwenza ukuze liqhubeke liphila. Kulokhu, umuntu akahlukile kakhulu ezilwaneni, nazo ezinomuzwa ongokwemvelo onamandla wokufuna ukuqhubeka ziphila.

Kodwa luhlobo luni lokuphila esingajabulela ukuluphila futhi siluthande? Akukhona nje ukuba khona ngomzimba—uphefumula nje futhi uhamba. Futhi umuzwa ovamile wokwaneliseka awubangelwa ukuzama ukuthola konke ongase ukuthole usaphila. Ifilosofi yama-Epikhuru yokuthi, “masidleni siphuze, ngoba kusasa sizokufa” ayizange yenze iningi labantu lithole ukwaneliseka. (1 Korinte 15:32) Nakuba kuyiqiniso ukuthi umuntu unenani elithile lezidingo eziyisisekelo zezinto ezibonakalayo, kukhona nezinto okumelwe azicabangele eziphathelene nesikompilo nezenhlalo, kungasaphathwa izidingo ezingokomoya, ezihlobene nokuba nokholo kuMuntu Ophakeme. Kuyadabukisa ukuthi izigidi, noma izinkulungwane zezigidi zabantu, akungakanani ezikujabulelayo ekuphileni ngaphandle kokuphila nje kuphela, ngenxa yezimo zezenhlalo nezendawo ezibangela usizi ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Noma yibaphi ngokuyinhloko abaphilela ukwanelisa izidingo zabo zenyama nje kuphela—ukudla, ukuphuza, ukuba nezinto, noma ukwanelisa izifiso zabo zobulili—baphila ukuphila okuthi akufane nokwesilwane, bengatholi kwaneliseka okutheni. Empeleni, abazisebenzisi izinto ezibaluleke ngokwengeziwe ezitholakala ekuphileni zokwanelisa ingqondo nemizwelo yomuntu. Ngaphezu kwalokho, noma yibaphi abafuna ukwanelisa nje izifiso zabo zokuzazisa abagcini nje ngokungakutholi okungcono kakhulu ekuphileni kodwa futhi balimaza umphakathi abaphila kuwo, futhi abazithuthukisi izithakazelo zabanye.

Ijaji elisebenza ngezephulamthetho eziyintsha laqinisekisa lokhu lapho lithi “ukuba sesimweni esibucayi kwezindinganiso, ukukhazinyuliswa kwabantu abayizibonelo ezimbi, nokuphumelela ngokuceba kalula nangokushesha” kuvame “ukukhuthaza umoya oweqisayo wokuncintisana.” Lokhu kuholela ekuziphatheni okulimaza umphakathi konakalise nentsha, ikakhulukazi lapho iphendukela ezidakamizweni.

Uyazi ukuthi kunezinto eziningi ezikhangayo ekuphileni—amaholidi ezindaweni ezijabulisayo, ukufunda noma ukucwaninga izinto ezithakazelisayo, ubungane obujabulisayo kanye nomculo omnandi. Futhi kukhona nemisebenzi eletha ukwaneliseka emincane nemikhulu. Labo abakholelwa ngokujulile kuNkulunkulu, ikakhulukazi kuNkulunkulu weBhayibheli, uJehova, banezizathu ezengeziwe zokuthanda ukuphila. Ukholo lwangempela luwumthombo wamandla nokuthula ongasiza abantu ekubhekaneni nezikhathi ezinzima. Labo abakholelwa kuNkulunkulu weqiniso bangasho ngokuqiniseka ukuthi: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.” (Heberu 13:6) Abantu abalwaziyo uthando lukaNkulunkulu bazizwa bethandwa nguye. Bayasabela othandweni lwakhe, bathole injabulo ejulile kulo. (1 Johane 4:7, 8, 16) Bangaphila ukuphila kokuba matasa nokungenabugovu okuwumthombo wokwaneliseka. Kunjengoba nje uJesu Kristu asho: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Kuyadabukisa ukuthi ukuphila kwamanje kunesinye isici. Kugcwele ukuhlupheka, ukungabi nabulungisa, ubumpofu, ukugula nokufa—uma sibala ezinye nje zezinto ezibuhlungu ezivame ukwenza ukuphila kube nzima. INkosi uSolomoni yesizwe sasendulo sakwa-Israyeli, eyayicebile, inamandla futhi ihlakaniphile, yayingaswele lutho ezintweni ezingenza abantu bajabule. Nokho, kwakunokuthile okwakuyikhathaza—ukwazi ukuthi lapho ifa kwakuyodingeka ikushiyele omunye umuntu konke lokho eyayikuzuze ‘ngomshikashika wayo,’ eyayiwenze “ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono.”—UmShumayeli 2:17-21.

NjengoSolomoni, iningi liyabona ukuthi ukuphila kufushane, njengoba kudlula ngokushesha okukhulu. ImiBhalo ithi uNkulunkulu ‘ufake ubuphakade ezingqondweni zethu.’ (UmShumayeli 3:11, Byington) Lo muzwa wobuphakade ushukumisela umuntu ukuba azindle ngobufushane bokuphila. Lapho umuntu engazitholi izimpendulo ezigculisayo zokuthi kungani siphila noma sifa, angagcina egajwe imizwa yokulindela okubi kuphela futhi abone yonke into iyize. Lokhu kungenza ukuphila kube lusizi.

Ingabe zikhona izimpendulo zemibuzo edabukisayo yabantu? Ingabe ziyoke zibe khona izimo eziyokwenza ukuphila kukhange kakhudlwana futhi kube kude kunalokhu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela