Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 8/1 k. 32
  • Ubuhlanga Nenkolo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuhlanga Nenkolo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 8/1 k. 32

Ubuhlanga Nenkolo

LAPHO ngifika e-U.S. ngo-1978, ngangikholelwa ukuthi iMelika seyazixazulula kudala izinkinga zayo zobuhlanga, ukuthi abansundu bayizakhamuzi ezilinganayo nezinye,” kusho uMark Mathabane, umlobi ongowokuzalwa eNingizimu Afrika, lapho abe-Time bexoxa naye. “Lokhu ngikuthola kuyiqiniso ngezindlela eziningi. I-U.S. yabonakala iphambili kuneNingizimu Afrika ngentuthuko ngeminyaka eyikhulu. Kodwa kuye kwangishaqisa ukuthola ukuthi izinhliziyo zabantu azikashintshi.” Yini eyamenza wathola lesi simanga?

“Elinye lamahora anobandlululo olukhulu eMelika, u-11:00 ekuseni ngeSonto,” kusho uMathabane. Waphawula ukuthi ngisho nasesontweni, abantu bamadolo-nzima ukuba bahlanganyele nabolunye uhlanga ekukhulekeleni. Wabuza: “Bazizwa kanjani ngezinye izinsuku zesonto?” Enxusa imfundo ukuba ikhuthaze ushintsho, uMathabane wathi: “Imfundo ikwenza wamukele ukuthi abantu bayalingana emhlabeni wonke.”

OFakazi BakaJehova bayavuma ukuthi imfundo iyona mpendulo, kodwa batusa ngokukhethekile imfundo esekelwe eZwini likaNkulunkulu. Yebo, iBhayibheli liyabasiza ukuba banqobe izithiyo zokucwasana kobuhlanga—ngisho nasemazweni lapho inzondo yobuhlanga idlange khona. Isonto ngalinye emaHholo OMbuso abo kuhlangana abantu bezinhlanga nezizwe ezihlukahlukene ukuze bafundiswe imithetho nezimiso ezivela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Kule mihlangano akuthathwa nkongozelo. Wamukelekile ukuba ube khona!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela