Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 7/15 k. 32
  • Isiqondiso Sokukhetha Abangane Abahle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiqondiso Sokukhetha Abangane Abahle
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 7/15 k. 32

Isiqondiso Sokukhetha Abangane Abahle

INTSHA isifuna kontanga kunokuba isifune kubazali isiqondiso ngokuqondene nezingubo zokugqoka kanye nomculo, kuphawula umbiko we-Reader’s Digest. Ngakho-ke kubalulekile ngabazali ukuba bazi ukuthi izingane zabo zizihlanganisa nobani futhi kuphi.

U-Esmé van Rensburg, umfundisi oyinhloko emnyango wezokusebenza kwengqondo eyunivesithi ethile yaseNingizimu Afrika, uthi, “Kuwumthwalo wakho wemfanelo ukuba uhlolisise.” Uyanezela: “Cishe ingane yakho iyokucasukela, kodwa igwebu liyokwehla.” Ube esenikeza abazali la maphuzu alandelayo. Imithetho kumelwe ibe nengqondo futhi ibe nezimiso eziyisisekelo eziqondile; yilalele ingane yakho; ungabi namawala, kodwa zigcine uzolile, futhi ukwazi lokho ofuna ukukusho. Uma ingane yakho isinobuhlobo kakade nomngane ongathandeki, gxila endleleni yokuziphatha engamukeleki lobu buhlobo obuye bayiveza esikhundleni sokumane wenqabele ukujwayelana okuqhubekayo.

Iseluleko esinengqondo kubazali kudala sikhona eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngokwesibonelo, lithi: “Asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma, ephuze ngokuphathelene nolaka.” (Jakobe 1:19) ImiBhalo ibuye inikeze lesi seluleko esihle ngokuqondene nokukhetha abangane: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Lezi zibonelo zibonisa ukuhlakanipha okutholakala kulabo abafunda iBhayibheli ngokwazisa futhi bakusebenzise elikushoyo ekuphileni kwabo kwansuku zonke.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela