Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 6/1 k. 32
  • Ukulondoloza Igama Elihle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulondoloza Igama Elihle
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 6/1 k. 32

Ukulondoloza Igama Elihle

UKUBUKISISA umdwebo omuhle kungaba isenzakalo esinomvuzo. Lapho umuntu ewubhekisisa, uyophawula indlela umdwebi asebenzise ngayo imidwa engamakhulukhulu ngebhulashi ukuze afake imibala ehlukahlukene kulowo mdwebo.

Ngokufanayo, igama elihle liyathuthukiswa, hhayi ngomudwa owodwa nje obanzi webhulashi, uma kubekwa ngendlela engokomfanekiso, kodwa ngezenzo eziningi ezincane phakathi nesikhathi esithile. Yebo, idumela lethu lakheka kancane kancane ngezenzo esizenzayo.

Ngakolunye uhlangothi, umudwa owodwa nje owenziwe endaweni engafanele ungalehlisa inani lomdwebo. Kungokufanayo nangegama lethu. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe.” (IzAga 19:3) Yingcosana nje yalokhu okuthiwa ubuwula—mhlawumbe ukuqhuma kwentukuthelo okunobudlova, ukuzitika ngokweqile ngophuzo oludakayo noma isenzo esisodwa esingahlanzekile ngokobulili—eyonakalisa idumela elihle. (IzAga 6:32; 14:17; 20:1) Ngakho-ke, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba silwele ukuzuza igama elihle bese sikusebenzela ngentshiseko ukulilondoloza.—Qhathanisa nesAmbulo 3:5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela