Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“KuNkulunkulu Zonke Izinto Zingenzeka”
LA MAZWI angenhla, akuMathewu 19:26, aba yiqiniso entokazini ethile yaseVenezuela. Ngemva kokufunda ukuthembela ngokuphelele kuJehova, yakwazi ukunqoba inkinga enkulu. Iyalandisa:
“Ugogo wayengeve enomusa futhi enothando. Ngokudabukisayo, washona ngiseneminyaka nje engu-16 ubudala. Ukushona kwakhe kwangiphatha kabi kakhulu. Ngaphazamiseka engqondweni, ngangabe ngisafuna nokuphuma endlini ngibe segcekeni. Ngagcina ngiwunkom’ idlayodwa ngokuphelele.
“Ngangingafundi, ngingasebenzi. Ngangizihlalela ekamelweni lami. Njengoba nganginesizungu futhi ngingenabangane, ngacindezeleka kakhulu. Ngangizizwa ngingento yalutho ngempela futhi ngifuna ukufa ngihlukane nokuhlupheka. Ngangilokhu ngizibuza ukuthi, ‘Ngiphilelani?’
“Umama wayethola omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kuFakazi osemncane okuthiwa uGisela. Ngolunye usuku umama wabona uGisela edlula ngasekhaya wayesembuza ukuthi angangisiza yini. UGisela wathi wayezozama, kodwa ngenqaba ukubonana naye. Lokhu akumdikibalisanga uGisela. Wangibhalela incwadi wangitshela ukuthi ufuna ukuba umngane wami nokuthi kukhona umuntu obaluleke kakhulu kunaye ofuna ukuba umngane wami naye. Wathi lowo muntu uJehova uNkulunkulu.
“Lokhu kwangithinta, ngayiphendula incwadi yakhe. Sabhalelana izinyanga ezintathu. Ngemva kokuba uGisela esengibelesele futhi engincenge kakhulu, ekugcineni ngaba nesibindi sokubonana naye. Lapho siqala ukubonana, uGisela watadisha iBhayibheli nami, esebenzisa incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngemva kwesifundo, wangimemela emhlanganweni owawuseHholo LoMbuso lendawo. Ngethuka. Kwase kuphele iminyaka emine ngingaphumi endlini, futhi ukuzicabanga ngihamba emgwaqweni kwakwethusa.
“UGisela wayenesineke esikhulu kimi. Wangiqinisekisa ukuthi kwakungekho lutho olwesabekayo futhi wayezohamba nami ukuya kulowo mhlangano. Ekugcineni ngavuma. Lapho sifika eHholo LoMbuso, ngaqala ukuqhaqhazela nokujuluka. Angikwazanga kubingelela muntu. Nokho, ngavuma ukuqhubeka ngiya emihlanganweni, futhi uGisela wayefika masonto onke ngokwethembeka ezongilanda.
“Ukuze angisize nginqobe uvalo enganginalo, uGisela wayengithatha siye emihlanganweni kusenesikhathi esiningi. Sasima ngasemnyango sibingelele wonke umuntu ofikayo. Kanjalo ngangibhekana nomuntu oyedwa noma ababili ngesikhathi, kunokuba kube yiqembu elikhulu kanyekanye. Lapho ngizwa ukuthi angisakwazi ukuqhubeka, uGisela wayengicaphunela uMathewu 19:26: ‘Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.’
“Nakuba kwakungelula, ekugcineni ngakwazi ukuya nasemhlanganweni omkhulu wesifunda. Yeka ukuthi kwakuyisinyathelo esikhulu kangakanani kimi! Ngo-September 1995, ngaqunga isibindi ngakhuluma nabadala ngokuya enkonzweni yendlu ngendlu. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, ngo-April 1996, ngabonisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.
“Muva nje lapho othile engibuza ukuthi ngasithola kanjani isibindi sokwenza lokhu, ngithé: ‘Isifiso sami sokujabulisa uJehova singaphezu kokwesaba enginakho.’ Nakuba ngezinye izikhathi ngisaba neziqubu zokucindezeleka, ukukhonza njengephayona elivamile kunezela injabulo yami. Uma ngibheka emuva, kumelwe ngivumelane noGisela. Manje nginoMngane ongikhathalelayo futhi ‘odlulisela amandla kimi.’”—Filipi 4:13.
[Izithombe ekhasini 8]
“Isifiso sami sokujabulisa uJehova singaphezu kokwesaba enginakho”