Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 5/1 k. 25
  • Funda Nezingane Zakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Funda Nezingane Zakho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 5/1 k. 25

Funda Nezingane Zakho

Ngokukamagazini waseBrazil i-Veja, izingane zabantu abakukhuthalele ukufunda zisethubeni elengeziwe lokuthanda izincwadi kunezingane ezintula isibonelo esinjalo sokufunda ekhaya. UMartha Hoppe, uchwepheshe ekukhuleni kwezingane uthi: “Ukufunda okuhlanganyelwayo kuqinisa ukusondelana kwabazali nezingane futhi kwenza ingane ikuqonde kangcono okuqukethwe incwadi.”

Ukufundela izingane zakho ngokuzwakalayo kukunika nethuba lokuphendula imibuzo. Ungaxoxa nganoma imuphi umfanekiso ohambisana nendaba. UHoppe uyaphawula: “Lapho ingane ikuqonda ngokwengeziwe okuqukethwe izincwadi, iyoshukumiseleka ngokwengeziwe ukuba izifune uma ifuna ukwanelisa ukulangazelela kwayo ukwazi.”

Abazali abaningi phakathi koFakazi BakaJehova bayakujabulela ukufunda nezingane zabo. Bangase bafunde izincwadi ezifana nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, Ukulalela UMfundisi OMkhulu nethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.a Izincwadi ezinjengalezi azigcini ngokusiza izingane ukuba zifunde kahle kodwa zandisa nesithakazelo sazo encwadini ethengiswa kakhulu emhlabeni—iBhayibheli Elingcwele. Ngakho-ke, uma ungumzali, bekela izingane zakho isibonelo ngokuba umfundi oshisekayo weZwi likaNkulunkulu. (Joshuwa 1:7, 8) Futhi zinike nakanjani isikhathi sokuzifundela!

[Umbhalo waphansi]

a Zinyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela