Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 5/1 k. 32
  • Ukunqoba Okubi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunqoba Okubi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 5/1 k. 32

Ukunqoba Okubi

“LE NJA efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.” Lesi sicelo senziwa u-Abishayi, isikhulu sebutho esingumIsrayeli. Wathukuthela ngaleyo ndlela lapho ezwa inkosi yakhe, iNkosi uDavide, ithukwa ngenzondo umuntu wakwaBenjamini okuthiwa uShimeyi.—2 Samuweli 16:5-9.

U-Abishayi wayenza ngokuvumelana nefilosofi eyamukelwa kabanzi namuhla—isimiso sokulwa nomlilo ngomlilo. Yebo, u-Abishayi wayefuna ukwenza uShimeyi ajeze ngenhlamba ayechaphe ngayo uDavide.

Nokho, wasabela kanjani uDavide? UDavide wamvimba u-Abishayi, ethi: “Myeke.” Nakuba ayengenacala lalokho uShimeyi ayemsola ngako, uDavide wamelana ngokuthobeka nesilingo sokuphindisela. Kunalokho, wayishiyela kuJehova leyo ndaba.—2 Samuweli 16:10-13.

Lapho uDavide ebuyela esihlalweni sakhe sobukhosi ngemva kokubalekela ukuvukela kwendodana yakhe okungaphumelelanga, phakathi kwabokuqala abeza ukuzombingelela nokucela intethelelo kwakunguShimeyi. U-Abishayi waphinda wafuna ukumbulala, kodwa uDavide waphinde wamenqabela.—2 Samuweli 19:15-23.

Kulesi simo, uDavide wazibonakalisa ekufanelekela ukufanekisela uJesu Kristu, umphostoli uPetru abhala ngaye wathi : “Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka . . . kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.”—1 Petru 2:23.

Namuhla, amaKristu ayalwa ukuba ‘athobeke engqondweni, angabuyiseli ukulinyazwa ngokulimaza.’ (1 Petru 3:8, 9) Ngokulandela inkambo eyabekwa uDavide noJesu Kristu, nathi ‘singaqhubeka sinqoba okubi ngokuhle.’—Roma 12:17-21.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela