Iziphathimandla Zincoma OFakazi
ECÁDIZ, eSpain, edolobheni elinetheku elisebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-500 eningizimu-ntshonalanga yeMadrid, imeya uDoña Teófila Martínez yanika oFakazi BakaJehova uqwembe lokubahlonipha (oluboniswe ngenhla). Lufundeka kanje: “Umasipala wedolobha laseCádiz ulunika oFakazi BakaJehova ebonisa ukwazisa ngokubambisana kwabo nabantu kanye nemizamo abayenzela leli dolobha.” Yini eyenziwa oFakazi eyenza bahlonishwa ngale ndlela?
Banikwa lolu qwembe ngenxa yokuqashelwa komsebenzi wabo wokuvuselela ingxenye yenkundla yezemidlalo kamasipala wedolobha. Amakhulu oFakazi eza ngokuzithandela ngezimpelasonto eziningana ezosiza ekwakheni kabusha izindlu zangasese ezisengxenyeni engezansi yenkundla yebhola likanobhutshuzwayo yaseCarranza. Manje, bonke abasebenzisa le nkundla bayazuza ngamapayipi, izinto zokuhambisa amanzi nangokulungiswa kwaphansi okwenziwa.
Sekunesikhathi oFakazi BakaJehova bejabulela ubudlelwane obuhle nedolobha laseCádiz. Njalo ngonyaka, umasipala wedolobha ubavulela ngomusa iNkundla YaseCarranza ukuze baqhube umhlangano wabo wesigodi waminyaka yonke. Ngakho-ke, oFakazi bayakujabulela ukwenza abangakwenza ukusiza ekugcineni le nkundla ilungiswe kahle.
Nokho, ngaphezu kokusebenza ngezikhwepha ngezikhathi ezithile, oFakazi BakaJehova bavakashela abantu bakuleli dolobha njalo ukuze basize umphakathi ngenye indlela. Bamemezela “izindaba ezinhle” zoMbuso kaNkulunkulu. Yiqiniso, inkonzo yabo yasobala abayenzeli ukunconywa abantu. Bayenza ngenxa yokulalela umyalo kaJesu wokushumayela “izindaba ezinhle zombuso” nowokuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 24:14; 28:19) Ngale ndlela, oFakazi BakaJehova banethemba lokuthi bakhonza umphakathi ngokufundisa abantu ‘indlela yokulunga.’—IzAga 12:28.