Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukushumayela ‘Ngenkathi Evumayo Nangenkathi Enzima’
LAPHO kugadla impi kulo lonke izwe laseBosnia nelaseHerzegovina, izinkulungwane zabhekana nobunzima obukhulu kakhulu. Phakathi naleso sikhathi esivivinyayo, oFakazi BakaJehova benza yonke imizamo yokukhuthaza abantu nokubanika ithemba. Okulandelayo izingxenye ezithile zencwadi eyabhalwa uFakazi owakhonza isikhathi esithile eSarajevo.
“Ukuphila kunzima lapha, kodwa abantu basabela kahle kakhulu eqinisweni leBhayibheli. OFakazi bendawo bayisibonelo esihle ngokumangalisayo sokukhuthazela. Ngokwezinto ezibonakalayo, banokuncane kakhulu, kodwa banomoya omuhle kakhulu. Cishe yonke intsha yasebandleni isenkonzweni yesikhathi esigcwele. Le ntshiseko iyabakhuthaza labo abasanda kuba abamemezeli, ngakho akuyona into engavamile ukuba basebenze amahora angu-60 noma ngaphezulu ngenyanga enkonzweni kusukela nje ngenyanga abaqala ngayo ukuya enkonzweni.
“Ngaphandle kokushumayela endlini ngendlu, siye sazama izindlela ezihlukahlukene zokufinyelela abantu. Ngokwesibonelo, saba nemiphumela emihle lapho sihambisa izincwadi zeBhayibheli emangcwabeni amaningi akuleli dolobha.
“Kuye kwanikezwa ubufakazi nasezibhedlela. EMnyangweni Wabasebenza Ngenhliziyo esibhedlela saseSarajevo, udokotela ophethe wamukela i-Phaphama! ka-December 8, 1996, eyayinesihloko sangaphandle esithi: ‘Isifo Senhliziyo—Yini Engenziwa?’ Wacela amakhophi engeziwe ukuze awanike abanye odokotela. OFakazi babe sebenikwa imvume yokuhambela zonke iziguli ezisemnyangweni wakhe. Ngakho, ngesikhathi esingaphezudlwana nje kwehora, kwabe sekuhanjiswe omagazini abangaphezu kwekhulu emibhedeni. Iziguli eziningi zathi kwakuqala ngqá ukuba othile azivakashele esibhedlela ezozikhuthaza azinike nethemba.
“Ngesinye isikhathi kwavakashelwa uMnyango Wezingane kuphethwe omagazini abanezihloko ezifanelekayo ezinganeni. Udokotela ophethe naye wamukela amakhophi ambalwa encwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ayezowabeka egunjini lokufundela. Manje, omama abavakashela izingane zabo esibhedlela bazifundela izindaba zeBhayibheli nsuku zonke. Kuye kwenziwa namalungiselelo okuba kuhanjelwe lo dokotela ekhaya.
“ESarajevo kunezinkulungwane zamasosha e-NATO [North Atlantic Treaty Organization] ezizwe ezihlukahlukene. Kuye kwafakazwa kakhulu nakuwo. Ngezinye izikhathi siya enqoleni yawo ngayinye sisebenzisa incwajana ethi Good News for All Nations nomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bezilimi ezihlukahlukene. Kwahanjiswa omagazini abangaphezu kuka-200 ezindlini zamasosha ebutho lase-Italy. Okwasimangaza ukuthi amasosha amaningi angamaNtaliyane athi ayengakaze akhulume noFakazi BakaJehova ngaphambili. Khona-ke, sawafinyelela eSarajevo.
“Ngolunye usuku inqola yamasosha yayipake eduze nomgwaqo. Ngangqongqoza kule nqola ngesambulela sami, kwaphuma isosha. Ngalibonisa INqabayokulinda enesihloko sangaphandle esithi ‘Izithunywa Zokuthula—Zingobani?’ Lelo sosha langibheka labe selibuza, ‘Ingabe ungomunye woFakazi BakaJehova?’ Ngemva kokuzwa ukuthi ngingomunye wabo, laphendula, ‘Angikholelwa; nikhona nalapha! Ingabe ikhona indawo emhlabeni engenabo oFakazi?’”
Umphostoli uPawulu wanxusa: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo, ngenkathi enzima.” (2 Thimothewu 4:2) Njengabo bonke abakholwa nabo emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova eSarajevo benza lokho, beya embhedeni ngamunye ngisho nasenqoleni yamasosha ngayinye!