Igama LikaNkulunkulu Libuyiselwe
“NGEMVA kweminyaka eminingi futhi mhlawumbe amakhulu eminyaka igama likaJehova likhishiwe emaBhayibhelini, ofakazi bakhe banamuhla bawukuphela kwenkolo yobuKristu eye yama iqinile futhi yabuyisela i-tetragrammaton.”a
La mazwi angenhla asencwadini ethi Jeová dentro do Judaísmo e do Cristianismo (UJehova EbuJudeni NasebuKristwini), eyalotshwa umlobi waseBrazil u-Assis Brasil. Kodwa kungase kubuzwe, Nakuba kunezinguqulo zeBhayibheli ezimbalwa ezilisebenzisayo igama likaNkulunkulu ngandlela-thile, kungani ezinye izinkolo ziye zalikhipha igama likaNkulunkulu emaBhayibhelini azo? UBrasil uthi: “Igama likaNkulunkulu lakhishwa ngenxa yenkolelo-ze . . . , izisusa ezingezinhle, noma isifiso sokukhulisa igama likaJesu nonina, uMariya.”
Nokho, njengoba uMnu. Brasil esho ngokuyiqiniso: “Ukukhishwa kwegama [likaNkulunkulu] kuye kwalungiswa ngokuphelele esiPutukezini nge-New World Translation of the Holy Scriptures.” Kungani kushiwo kanjalo? Ngoba igama elithi Jehova liye labuyiselwa endaweni yalo efanele kulelo Bhayibheli. Igama elithi Jehova livela izikhathi ezingaphezu kuka-7 200 kuyi-New World Translation.
Kusukela lapho likhululwa okokuqala, kuye kwasakazwa amakhophi angaphezulu kakhulu kwezigidi eziyisithupha nengxenye ale nguqulo yanamuhla yezwi nezwi ngesiPutukezi. Ngakho, intatheli eyabhala ephephandabeni laseBrazil i-Diário do Nordeste (Iphepha Lansuku Zonke LaseNyakatho-mpumalanga) yashukumiseleka ukuba ibuze, “Ingabe bewazi ukuthi uNkulunkulu unegama?” Ngosizo lwale nguqulo yeBhayibheli yanamuhla, izigidi manje zingaphendula zithi, “Yebo. Igama likaNkulunkulu nguJehova.”
[Umbhalo waphansi]
a Olimini lwesiHeberu, igama likaNkulunkulu libhalwa ngokuthi יהוה. Lezi zinhlamvu ezine (ozifunda kusuka kwesokudla kuya kwesokunxele) ngokuvamile zibizwa ngokuthi i-Tetragrammaton.