Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 2/15 k. 3
  • Ingabe Ucabanga Ngomshado?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ucabanga Ngomshado?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Umshado Ungalubekezelela Uvivinyo?
    I-Phaphama!—2006
  • Umshado Ungaphumelela Ezweni Lanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Lapho Umshado Usengcupheni Yokuchitheka
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ungalilahli Ithemba Ngomshado Onezinkinga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 2/15 k. 3

Ingabe Ucabanga Ngomshado?

Uma siqhathanisa inkinga yembulunga yonke yesahlukaniso nokuzamazama komhlaba, i-United States ibiyoba iyona ndawo ethinteka kakhulu. Onyakeni wamuva nje, kuye kwaqedwa imishado engaphezu kwesigidi lapho—isilinganiso semishado emibili njalo ngomzuzu. Kodwa kungenzeka ukuthi uyazi ukuthi i-United States ayiyodwa neze kulolu sizi lwayo ngokuphathelene nemishado.

NGOKOKUHLOLA okuthile, amazinga esahlukaniso eCanada, eNgilandi naseWales, eFrance, eGrisi naseNetherlands aye anda ngaphezu kokuphindwe kabili kusukela ngo-1970.

Sinezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi imibhangqwana eminingi ishada ngoba ithandana futhi ifuna ukuba ndawonye ukuphila kwayo konke. Nokho, kuyadabukisa ukuthi iphupho lokuba nomshado ojabulisayo ngokuvamile limane libe yilokho kanye—iphupho. Lapho besanguluka, abaningi baye bathi babesheshe bashada noma babeshade nomuntu ongafanele noma kokubili.

Kungani imishado eminingi kangaka ihluleka? “Isizathu esiyinhloko ukuntuleka kokulungiselela,” kusho umlobi wencwadi ekhuluma ngesikhathi sokuthandana. Uyanezela: “Njengoba ngisebenzelana nemibhangqwana esezinkingeni zomshado ngiba nemizwa emibili—uzwela nentukuthelo. Ngiba nozwela ngoba awuzange ufinyelele amaphupho awo okuba nobuhlobo obanelisayo. Ngiyathukuthela ngenxa yokuntula kwayo ulwazi ngokuphathelene nokuba yinkimbinkimbi kwalo msebenzi.”

Ngempela, abaningi bashada benombono olinganiselwe noma bengazi nhlobo ukuthi bangawenza kanjani uphumelele. Nokho, lokhu akumangazi neze. Omunye umfundisi waphawula: “Ingakanani intsha yethu eya ekolishi iyofunda ngokuziphatha kwamagundane nezibankwa, kodwa ehluleka ukufunda ngokuziphatha kwabantu ababili ababizwa ngokuthi indoda nomfazi?”

Ingabe ucabanga ngomshado—ucabanga ngomshado ongase uwungenele ngesikhathi esizayo noma ngomshado osuwungenele? Uma kunjalo, kufanele uqaphele ukuthi ubuhlobo ekuphileni kwangempela buhluke kakhulu kulokho okuboniswa emafilimini, ezinhlelweni zethelevishini nasezincwadini zothando. Ngesikhathi esifanayo, umshado wabantu ababili abavuthiwe abathandana ngempela ungase ubhekwe njengesibusiso esivela kuNkulunkulu. (IzAga 18:22; 19:14) Khona-ke, ungaqiniseka kanjani ukuthi ukulungele ukubhekana nezinto ezifunwa umshado? Iziphi izici okufanele uzicabangele lapho ukhetha umngane womshado? Noma uma usushadile, ungawandisa kanjani amathuba okuthola injabulo ehlala njalo emshadweni wakho?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela