“Khulisa Umntwana”
UKULIMA okuphumelelayo kudinga okungaphezu kokusakaza imbewu enhlabathini bese ubuya ngemva kwezinyanga ezimbalwa uzovuna. Kuhilela umsebenzi omningi onzima wokulungisa inhlabathi, utshale imbewu bese unisela futhi wondle izitshalo ukuze zikhule.
Lokhu kungabonisa nobuqiniso bamazwi ezAga 22:6, athi: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.” Ngempela, ukuqeqesha kwabazali kuyisici esiyinhloko ekukhulisweni kwengane ngokuphumelelayo.
Nokho, kuleli lizwe lanamuhla eliyekelelayo abazali abaningi bayahluleka ukulalela lesi seluleko. Lapho belandela ukuhlakanipha kwanamuhla kokuthi izingane kumelwe zifunde ukuzisingathela izinkinga, ngokuvamile izingane zabo bayaziyeka bangazisizi. Inkambo enjalo yenza intsha ichayeke emathonyeni alimazayo abantu abangenazimiso nabangenasimilo.—IzAga 13:20.
Yeka ukuthi kungcono kanjani ukuba abazali bagxilise izimiso zobuKristu ezinganeni zabo ngokuziqeqesha ngendlela kaNkulunkulu lapho zisezincane! Zisezincane kangakanani? Umphostoli uPawulu uthi: ‘Kusukela ziseyizinsana.’ Kwaba njalo ngensizwa enguThimothewu. Unina, u-Evnike, noninakhulu uLowisi bagxilisa “imibhalo engcwele” kuThimothewu kangangokuthi “wafunda” futhi ‘wathonyelwa ukuba akholwe.’ Waba yini umphumela? Ukuqeqesha okunjalo kwaba nendima ebalulekile ‘ekumhlakaniphiseleni insindiso.’—2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15.
Ngokufanayo nanamuhla, abazali ‘abangayeki ukwenza okuhle’ bayovuna imivuzo ecebile uma ‘bengakhathali.’ (Galathiya 6:9) Inkosi ehlakaniphile uSolomoni ithi: “Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba, nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.”—IzAga 23:24.