“Ngubani Obeke Ukuhlakanipha Ezingqimbeni Zamafu”?
“LAPHO nibona ifu liphakama ezingxenyeni ezisentshonalanga, ngaso lesosikhathi nithi, ‘Isivunguvungu siyeza,’ futhi kube njalo. Futhi lapho nibona ukuthi kuvunguza iningizimu, nithi, ‘Kuzoba nesivuvu,’ futhi sibe khona.” La mazwi kaJesu, alotshwa umlobi weVangeli uLuka, ayizibonelo zezibikezelo zezulu ezazenziwa ePalestine yasendulo. (Luka 12:54, 55) Kwezinye izimo, abantu basendulo babengabona izimpawu bese benza izibikezelo ezinembile zesikhathi esingekude.
Namuhla, ababikezeli bezulu basebenzisa amathuluzi ayinkimbinkimbi, njengeziphuphutheki ezizungeza umhlaba, i-Doppler radar, ama-computer anamandla, ukuze bahlole ukuthi sizoba njani isimo sezulu phakathi nesikhathi esijana. Kodwa izibikezelo zabo ngokuvamile zishaya phansi. Ngani?
Ziningi izici ezenza kube nzima ukubikezela izulu ngokunembile. Ngokwesibonelo, ushintsho olungalindelekile lwezinga lokushisa, umswakama, amandla nesivinini somoya kanye nokuthi umoya uyaphi kungenza izinto zibe nzima. Ngaphezu kwalokhu kunokuhlobana okuyinkimbinkimbi kwelanga, namafu nemifula, ososayensi abangakakuqondi ngokuphelele. Ngenxa yalokhu, ukubikezela izulu kuyaqhubeka kuyisayensi enganembile.
Ulwazi lomuntu olulinganiselwe lusikhumbuza imibuzo uJobe abuzwa yona: “Ngubani owazala amathonsi amazolo na? Iqhwa lavela esiswini sikabani? . . . Ungaphakamisela izwi lakho emafwini, ukuze amanzi amaningi akusibekele, na? . . . Ngubani obeké ukuhlakanipha [ezingqimbeni zamafu, NW], ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na? Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini?”—Jobe 38:28-37.
Impendulo yayo yonke le mibuzo iwukuthi, Akuyena umuntu kodwa nguJehova uNkulunkulu. Yebo, kungakhathaliseki ukuthi abantu bangabonakala behlakaniphe kanjani, ukuhlakanipha koMdali wethu kuphakeme kakhulu impela. Kungukubonisa uthando ngempela ngaye ukwenza sikwazi ukuthola ukuhlakanipha kwakhe emakhasini eBhayibheli, ukuze sikwazi ukuphumelela ezindleleni zethu.—IzAga 5:1, 2.