“Thina MaKatolika Kunokuningi Okufanele Sikufunde Kubo”
LA MAZWI akhuluma ngoFakazi BakaJehova ashiwo uthisha othile eBari, e-Italy, phakathi nesifundo somlando wenkolo sekilasi lakhe lasesikoleni esiphakeme. Lo thisha wayetshele leli kilasi ukuthi wayezosebenzisa amakhasethi e-video njengensiza-kufundisa. Lapho ezwa lokhu, omunye wabafundi, uRoberto oneminyaka engu-18 ubudala, wasikisela ukuba kuhlanganiswe nenkolo yakhe engxoxweni. Wathembisa ukuza ne-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Lo thisha wavuma ukuba uRoberto eze nayo, futhi lonke ikilasi labafundi abangaba ngu-30 layibona le video. “Bonke babehlatshwe umxhwele ubunye, ukuhleleka, nothando olujulile olukhona phakathi koFakazi BakaJehova,” kusho uRoberto. “Bamangala nakakhulu ukuzwa ukuthi kunyatheliswa amakhophi ayizigidi ezingu-40 e-Nqabayokulinda nayizigidi ezingu-36 e-Phaphama! inyanga ngayinye.”
Ngemva kokubona leyo video, abaningi balabo abafunda noRoberto baphawula: “Bengingazi ukuthi nihleleke kangaka.” Ngokuphathelene noFakazi BakaJehova, uthisha wathi ekilasini: “Phawula ukuthi ukholo lwabo lubashukumisela ukuba babe ababumbene nabahleleke kanjani. Thina maKatolika kunokuningi okufanele sikufunde kubo.” Leyo video nezingxoxo zasekilasini ezalandela zenza lukhulu ekuthuthukiseni ukuqondwa kangcono koFakazi BakaJehova.