Ingabe Bonke Abefundisi Bayakukholelwa Lokho Abakufundisayo?
OWESIFAZANE othile usanda kushonelwa umyeni wakhe. Umpristi wakhe uyachaza ukuthi umyeni wakhe ubengalungile ngokwanele ukuba angaya ngokuqondile ezulwini futhi ubengemubi ngokwanele ukuba angathunyelwa emlilweni wasesihogweni. Ngakho, ngokwalo mpristi, usajeziswa kuze kube yilapho efanelekela ukuya ezulwini. Lona wesifazane ukhokhela umpristi ukuba athandazele ukuba umyeni wakhe asheshe akhululwe esihlanzweni. Lo mfelokazi wanelisekile ngalokhu, enomuzwa wokuthi umpristi uyazikholelwa lezi zinkolelo yena azikholelwa ngobuqotho.
Ucabanga ukuthi lo mfelokazi ubeyosanguluka ukube ubengathola ukuthi umpristi wakhe wayengakholelwa ngempela esijezisweni sangemva kokufa? Abaningi baphatheka kabi lapho bezwa ukuthi abefundisi abaningi abakholelwa kokuningi kwalokho abakufundisayo. I-National Catholic Reporter, lapho ikhuluma ngalokho eyakubiza ngokuthi “inkinga yabefundisi ejule ukudlula eyobulili,” yathi: “Phakathi kwabo bonke abefundisi, kunabaningi abangasakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona noma emfundisweni yemivuzo nezijeziso noma ovukweni . . . kangangokuthi phakathi kwabo lokhu kungakholelwa kudlange, ngandlela-thile, njengenkungu.”
Namanye amasonto abhekene nempicabadala efanayo. Ukuhlolwa kwabefundisi beSonto LaseSheshi kwembula ukuthi abaningi “abakholelwa ezicini eziyisisekelo zenkolo evamile yobuKristu njengokuzala kwencasakazi, izimangaliso zikaJesu nokuza kwesibili kukamesiya,” kubika i-Canberra Times yase-Australia.
Umlobi wezincwadi zenkolo uGeorge R. Plagenz wabuza ukuthi umfundisi angasisho kanjani, ngonembeza omuhle, isivumo sokholo yena ngokwakhe angakholelwa kuso. Omunye umfundisi wathi wayemane ashintshe amazwi okuqala esivumo sokholo athi, “Ngiyakholwa.” Wathi: “Ngiqala isivumo sokholo ngokuthi, ‘BAYAKHOLWA kuNkulunkulu uBaba uMninimandla onke . . . ’” UPlagenz wabiza lobo buzenzisi ngokuthi “ukukhwabanisa okukhulu kunakho konke ezweni.”
Ngokudabukisayo, ukungakholelwa nobuzenzisi okunjalo kwabefundisi kusangulukisa abantu abaningi ngokuphathelene nenkolo iyonke. Kodwa akusona ukuphela kwesici senkolo esiphazamisayo namuhla. Abantu abaningi abaya emasontweni baye bafundiswa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ingabe bayomangala lapho bethola ukuthi ezinye zezimfundiso zesonto osekunesikhathi eside zamukelwa azizona izimfundiso zeBhayibheli? Isihloko esilandelayo sizocabangela isibonelo esisodwa.