Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 10/1 k. 32
  • Izimpawu Eziqondisayo Emgwaqweni Wokuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpawu Eziqondisayo Emgwaqweni Wokuphila
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 10/1 k. 32

Izimpawu Eziqondisayo Emgwaqweni Wokuphila

UMA uhamba emgwaqweni noma endleleni ongayijwayele, ingabe ungabheka izimpawu eziqondisayo njengesithiyo? Cishe ngeke! Ngokuqinisekile ungazibheka njengeziwusizo kuwe ukuze ungaphumi endleleni eya lapho uya khona.

Nokho, kuthiwani ngokuhamba emgwaqweni wokuphila? Ingabe kungenzeka ukuhamba kuwo ngokuphumelelayo ngaphandle kwezimpawu eziqondisayo? Umprofethi kaNkulunkulu wasendulo wavuma ukuthi isintu silinganiselwe kulokhu. Wathi: “Ngiyazi, O NKOSI, ukuthi umuntu akazikhetheli izindlela zakhe; futhi akukhona okomuntu ukuba azinqumele indlela yakhe ekuphileni.”—Jeremiya 10:23, The New English Bible.

Pho, singatholakalaphi lesi siqondiso esidingekayo? Umthombo onokwethenjelwa wokuqondiswa okunjalo nguMdali womuntu, futhi izimpawu eziqondisayo ezingokomfanekiso zitholakala eBhayibhelini. NgeZwi lakhe, uJehova uthi: “Nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela; hambani ngayo, noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.”—Isaya 30:21.

Yebo, iZwi likaNkulunkulu linikeza isiqondiso esinokwethenjelwa kuzo zonke izici zokuphila kwethu. (Isaya 48:17; 2 Thimothewu 3:16, 17) Nokho, ngokudabukisayo iningi lesintu lihamba endleleni yokuphila lingenaso isiqondiso saphezulu. (Mathewu 7:13) Noma kunjalo, izimpawu eziqondisayo zimi zigxilile endaweni yazo! Ingabe uyozilalela njengoba uhamba emgwaqweni wokuphila?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela