Impi Eyonakalisa Ikhulu Le-19 Leminyaka
1914
EBHEKA eminyakeni eyinkulungwane emisha, uCharley Reese, umhleli wengosi yephephandaba i-Orlando Sentinel, wabhala: “Impi yango-1914-18 eyonakalisa ikhulu le-19 leminyaka ayikapheli.” Wayesho ukuthini? Wachaza: “Umlando awuyinaki ikhalenda. Ikhulu le-19 leminyaka—elichazwa njengelihlanganisa izinkolelo, okucatshangelwayo, isimo sengqondo nokuziphatha—alizange liphele ngo-Jan. 1, 1901. Laphela ngo-1914. Kwakuyisikhathi futhi lapho ikhulu lama-20 leminyaka, elichazwe ngendlela efanayo, liqala. . . .
“Cishe zonke izingxabano esiye sakhathazeka ngazo kukho konke ukuphila kwethu zaqala ngaleyo mpi. Cishe zonke izindlela izenzakalo zobuhlakani nezingokwesiko eziye zenzeka ngazo nesiye saphila nazo zaqala kuleyo mpi. . . .
“Ngicabanga ukuthi yenza umonakalo ongaka ngoba yashabalalisa inkolelo yabantu yokuthi abantu bangaliqondisa ikusasa labo. . . . Impi yenza abantu bayilahla leyo nkolelo. Akekho kuzo zombili izinhlangothi owacabanga ukuthi izinto zaziyoba ngendlela ezaba ngayo. Yonakalisa umbuso waseBrithani nowaseFrance. Yabulala ingxenye enkulu yesizukulwane sabantu baseBrithani, eFrance nabaseJalimane. . . . Ngesikhashana, yabulala abantu abayizigidi ezingu-11.”
Sekungaphezu kweminyaka engu-120 oFakazi BakaJehova bekhomba ku-1914 njengokuphela kwalokho uJesu akubiza ngokuthi “izikhathi ezimisiwe zezizwe.” (Luka 21:24) Ngalowo nyaka, uJesu Kristu ovusiwe nokhazinyulisiwe wabekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yoMbuso wasezulwini. Ngalowo Mbuso, uJehova uNkulunkulu uyokuqeda phakade konke ukuhlupheka leli khulu leminyaka eliye laphawuleka ngako.—IHubo 37:10, 11; UmShumayeli 8:9; IsAmbulo 21:3, 4.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
U.S. National Archives photo