Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 9/1 k. 29
  • “Bambelelani Kulokhu Eninakho”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Bambelelani Kulokhu Eninakho”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngathola Ingcebo Yeqiniso E-Australia
    I-Phaphama!—1994
  • “Bayakulwa Nawe, Kepha Abayikukwahlula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UKubekezela Kuholela Empumelelweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indlela Ongazi Ngayo Ukuthi Kufanele Ulalele Bani
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 9/1 k. 29

“Bambelelani Kulokhu Eninakho”

Iqembu loFakazi lalishumayela kwesinye seziqhingi ezingaba ngu-30 ezakha iCyclades Islands yaseGreece. Lapho ababili babo behla ngomgwaqo, bahlangana nephoyisa elabatshela ukuba balilandele baye nalo esiteshini samaphoyisa. Ngemva nje kokuba befike esiteshini samaphoyisa, kwakhala ucingo. Kwakungumpristi wakuleli dolobhana. Wathi: “Ngizwe ukuthi kunoFakazi BakaJehova kuleli dolobhana.” “Yebo nginababili lapha,” kuphendula iphoyisa. “Ngiyeza manje.” Ngokuzwa isimo saleyo ngxoxo, abafowethu baqala ukuba novadlwana.

Nokho, lapho umpristi efika, wamomotheka, wabaxhawula, futhi wahlala phansi esihlalweni esiseduze nesephoyisa. Lapho kuqhubeka ingxoxo, iphoyisa laba nolaka kuyilapho umpristi ayelokhu ekhuluma izinto ezinengqondo futhi emnene. Watshela iphoyisa ukuba lingabalulazi oFakazi, futhi wenezela: “Bangaphendula noma yimuphi umbuzo ngoba baqeqeshwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Kungaba lula ukugudlula umhlaba esisekelweni sawo kunokushintsha ukholo loFakazi BakaJehova.”

Lapho beshumayela ngakusasa ekuseni, abafowethu baphinde bahlangana nalo mpristi futhi bambuza: “Kungani ubunomusa kangaka phakathi nengxoxo esiteshini samaphoyisa?” Lo mpristi wabatshela ukuthi wayejwayelene noFakazi abaningi eSyros nokuthi useneminyaka eminingi efunda omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Eqinisweni, kukaningi ethatha umagazini INqabayokulinda, awufihle efayilini, futhi awusebenzisele ukunikela intshumayelo esontweni. Waphawula: “Angicabangi ukuthi ngabe ngiyafisa ukuphila ukube bengingenazo izincwadi zenu. Yizo ezingigcina ngiqhubeka.”

Kamuva, lo mpristi watshela oFakazi: “Kumelwe nginitshele into eyodwa. Bambelelani kulokhu eninakho. Ningalenzi iphutha nikushiye. Lokhu enginitshela kona manje intshumayelo engcono kunazo zonke engake ngazinikeza, futhi angikusho nje ngomlomo; ngikusho ngenhliziyo yami yonke.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela