Uyakwazi Yini Ukuhlukanisa Phakathi Kokuhle Nokubi?
“Nginecala lokubulala abantu abangaba ngu-25. . . . Ngiba nesithombe sako engqondweni ubusuku nemini. Ngiba namaphupho athusayo. . . . Ngingaya endaweni ethile bese ngibona ubuso obungikhumbuza abantu engababulala. Ngikubona ngokucacile lokhu, kube sengathi kwenzeke namuhla, manje. . . . Anginakuzithethelela ngezinto engazenza.”—V.S.
“Ngatshelwa ukuba ngingene lapho futhi ngibhubhise isitha. . . . Angizange ngihlale phansi ngicabange ngokuthi kukhona amadoda, abesifazane nezingane. . . . Ngaleso sikhathi nganginomuzwa, futhi ngisenawo, wokuthi ngenza njengoba ngangiyaliwe, futhi ngenza lokho engangitshelwe ukuba ngikwenze futhi angizizwa nginephutha ngokwenza kanjalo.”—W.C.
NGO-MARCH 16, 1968, la madoda amabili acashunwe ngenhla ahlanganyela kulokho kamuva okwabizwa ngokuthi icala lasempini elibi ngokuhlazisayo. Wona, kanye namanye amasosha, bangena edolobhaneni elincane laseVietnam futhi babulala amakhulukhulu ezakhamuzi—kuhlanganise abesifazane, izingane namakhehla. Kodwa phawula ukusabela okungafani kwala masosha amabili. Ngokusobala isosha lokuqala likhathazekile ngalokho elakwenza. Elesibili linomuzwa wokuthi izenzo zalo zazifaneleka. Kungenzeka kanjani ukuba abantu ababili basabele ngokungafani kangaka esenzakalweni esisodwa?
Impendulo ihilela unembeza—ikhono esilinikwe uNkulunkulu elisisiza ukuba sizibheke ngobuqotho futhi sahlulele izenzo nezinhloso zethu. Unembeza ikhono lethu langaphakathi lokubona okuhle nokubi.
Lapho benza izinqumo, abanye abantu basebenzisa isisho esithi, “Qondiswa unembeza wakho.” Nokho, ngokudabukisayo unembeza awunakwethenjelwa ngaso sonke isikhathi. Ngokuqinisekile, abaningi baye babekezelela, benza ngisho nezenzo zonya olwesabekayo, kodwa abazange nakancane bakhathazwe onembeza babo. (Johane 16:2; IzEnzo 8:1) Kunjengoba umlobi oyiNgisi uSamuel Butler ake aphawula, unembeza “ngokushesha uyayeka ukukhuluma nalabo abangafisi ukuwulalela.”
Ingabe ungawethemba unembeza wakho? Impendulo ixhomeke kakhulu ekutheni uqeqeshwe kahle kangakanani, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Upper war scene: U.S. Signal Corps photo