Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukwenza Ngokuvumelana Nendlela KaJehova Ngokuthobeka
“FUNANI uJehova nina nonke-bathobekileyo bomhlaba.” Lesi simemo, esamenyezelwa umprofethi ongumHeberu uZefaniya eminyakeni engaphezu kwamakhulu angu-26 edlule, sisamenyezelwa kubantu emhlabeni wonke nanamuhla. (Zefaniya 2:3) Kusho ukuthini ukufuna uJehova? Ukwenza lokhu kuqala ngokungenisa ulwazi ngokuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nophilayo, uJehova.—Jeremiya 10:10; Johane 17:3.
Nokho, ukungenisa ulwazi kukodwa akuholeli ekubeni nokuma okwamukelekayo phambi kukaNkulunkulu. Ukuze umuntu azuze ukuvunyelwa uNkulunkulu, kumelwe futhi alusebenzise lolu lwazi. Kanjani? Ngokuvumelanisa ngokuthobeka ukucabanga nokuziphatha kwakhe nezindinganiso zikaNkulunkulu, njengoba kuboniswe kokuhlangenwe nakho okulandelayo kwaseSuriname.—Efesu 4:22-24.
U-Eddy, uthisha oneminyaka engaba ngu-25, wayelangazelela izimpendulo ezigculisayo zemibuzo enjengokuthi: ‘Inkolo inayiphi indima emphakathini wanamuhla?’ nothi ‘Ingabe iBhayibheli, incwadi yasendulo, liyavumelana nesayensi yanamuhla?’ Lapho kufika oFakazi BakaJehova futhi bemnikeza izimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini zale mibuzo, u-Eddy walalela ngokucophelela. Wabhala ngisho namaphuzu ukuze ahlolisise izincazelo zalab’oFakazi.
Ngaphambili, u-Eddy wayehlanganyela nenkolo eyamfundisa ukuthi abantu bawumkhiqizo kaNkulunkulu othuthukisiwe osuka ezinkawini. Ngakho lapho oFakazi bemhambisela incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? wayamukela ngokushesha. Incazelo ecacile yale ncwadi emayelana nokulandisa kweBhayibheli kokudala yamhlaba umxhwele. Ngokutadisha iBhayibheli, wakholiseka ukuthi wayethole iqiniso!
Kodwa manje wayebhekene novivinyo. U-Eddy wayehlala endlini lapho ukweba nokungathembeki kwakuyindlela yokuphila. Ngakho, kwadingeka akhethe: ukulandela indlela yokuphila eyonakele yalabo ayehlala nabo noma ukulahla ukuziphatha okunjalo amukele indlela yokuphila ekhazimulisa uNkulunkulu. Ngokuhlakanipha, u-Eddy wakhetha lokhu kokugcina. Wazihlukanisa nabo bonke abantu ababi futhi wathutha kuleyo ndlu.—1 Korinte 15:33, 34.
U-Eddy wathuthuka ngokushesha ngemva kokuqala ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Wathuthuka nasendleleni ayegqoka futhi ezilungisa ngayo futhi waqala ukukhuluma nabangane bakhe nezihlobo ngalokho ayekufunda. Kamuva, wajabula ngokwengeziwe lapho kuthiwa uyakufanelekela ukuhlanganyela ekushumayeleni “izindaba ezinhle” obala. (Mathewu 24:14; IzEnzo 20:20) Ngo-December 1996 lwafika usuku okwase kukudala lulindiwe lapho abonakalisa khona ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.
Unyaka ngamunye, amakhulu ezinkulungwane zabantu abanhliziyo ziqotho ayasabela esimemweni ‘sokufuna uJehova.’ Ngokwenza kanjalo, akuzwa ngokoqobo ukuba iqiniso kwezAga 22:4, ezithi: “Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.” Yebo, ngokwenza ngokuvumelana nendlela kaJehova ngokuthobeka, abathandi beqiniso bajabulela izibusiso ezinjalo manje, futhi babheka phambili ngokuqiniseka ezibusisweni zaphakade khona lapha emhlabeni.—IHubo 37:29.
[Amabalazwe ekhasini 18]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Caribbean Sea
GUYANA
SURINAME
FRENCH GUIANA
BRAZIL
[Umthombo]
Globe: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.