Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 7/1 k. 32
  • Ingabe Inkulumo Yakho Iyahlaba Noma Iyaphilisa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Inkulumo Yakho Iyahlaba Noma Iyaphilisa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 7/1 k. 32

Ingabe Inkulumo Yakho Iyahlaba Noma Iyaphilisa?

PHAKATHI nalezi zikhathi ezinzima, akumangazi ukuthi abaningi ‘banezinhliziyo ezaphukileyo nomoya odabukileyo.’ (IHubo 34:18) Ngakho, ngokwamazwi omphostoli uPawulu, kunesidingo esiqhubekayo sokuba ‘sikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile’ futhi ‘sisekele ababuthakathaka.’ (1 Thesalonika 5:14) Kodwa kuthiwani uma omunye umuntu esicasula noma enza okuthile okubi kakhulu? Esimweni esinjalo, singase sizizwe sinesizathu sokumane simkhuze ngokhahlo. Nokho, kufanele siqaphele. Iseluleko, ngisho nalapho sifaneleka, singalimaza uma sinikezwa ngendlela yokhahlo. IzAga 12:18 zithi: “Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba.”

Ngakho-ke, lapho sifuna ukukhuza noma sisingathe ukungaqondani, kubalulekile ukuba sikhumbule ingxenye yesibili yezAga 12:18: “Izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.” Ngaso sonke isikhathi zibuze, ‘Uma bekungadingeka ngikhuzwe, mina bengingathanda ukuphathwa kanjani?’ Iningi lethu lisabela kangcono esikhuthazweni kunasekugxekweni. Ngakho tusa ngokwengeziwe. Ngokuvamile lokhu kuyoshukumisela osephutheni ekubeni athuthuke, futhi cishe uyolwazisa noma iluphi usizo alunikezwayo.

Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba sibe namazwi amnene njalo! Amazwi aphilisayo ayoshiya olalele ezizwa njengomhubi, owabhala: “Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi.”—IHubo 141:5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela