Kungani Ungabi Khona?
UNDJAUKUA ULIMBA uneminyaka engu-73 ubudala, futhi ngonyaka odlule wathatha uhambo olungamakhilomitha angu-450. Lonke leli banga walihamba ngezinyawo, futhi lamthatha izinsuku ezingu-16.
Le ndoda esikhulile yathatha lolu hambo olude ukuze ibe khona komunye wemihlangano yaminyaka yonke yoFakazi BakaJehova. Ngemva komhlangano, ichichima injabulo futhi iqinisiwe ngokomoya, yaphindela ekhaya ngezinyawo futhi—ezinye izinsuku ezingu-16. Ingabe kwakuwufanele lowo mzamo? Ngokuqinisekile! Sekuyiminyaka eminingana uNdjaukua Ulimba ethatha lolu hambo lwaminyaka yonke.
Le ndoda yase-Afrika yayingomunye wabangaphezu kwezigidi ezingu-15 abavela emazweni angaphezu kuka-230 ababekhona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nyakenye. Kodwa-ke, abaningi akuzange kudingeke bahambe ngezinyawo izinsuku eziningi beya endaweni yomhlangano. Abaningi bafika ngezimoto, ngamabhasi, ngezitimela, noma ngezindiza. Ingabe wawungomunye wabo?
Ngo-1998, imihlangano izophinda iqhutshwe emhlabeni wonke, eminingi izoba phakathi nezinyanga zasehlobo (noma ngenkathi yonyaka engenazimvula). Uma impilo imvumela, ngokunokwenzeka uNdjaukua Ulimba uzophinde athathe lolu hambo olude ukuze abe khona. Yena nezigidi zabanye bayokuzwa isimiso esiwusizo, esiqinisa ukholo, nesiqabulayo. Umhlangano uyoba isenzakalo esivelele sonyaka kubo bonke abayoba khona. Nawe umenywa ngokufudumele ukuba ube khona. OFakazi BakaJehova endaweni ohlala kuyo bayokujabulela ukukutshela indawo eseduze nawe lapho umhlangano uyoba khona.