Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 4/1 k. 21
  • “Abantu Bakho Bayazinikela Ngenjabulo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Abantu Bakho Bayazinikela Ngenjabulo”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iqhawe Nentombazanyana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Yayifuna Ukusiza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Wayenenkani Kodwa Ekugcineni Walalela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Intombazane Isiza Induna
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 4/1 k. 21

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

“Abantu Bakho Bayazinikela Ngenjabulo”

INDUNA yempi yase-Aramu enamandla uNahamani inochoko. Uma siyekwa singalashiwe, lesi sifo esinyanyekayo singamgoga umuntu futhi simbulale. UNahamani kumelwe enzeni? Phakathi kwabendlu kaNahamani kukhona intombazanyana, ‘abuya nayo ezweni lakwa-Israyeli.’ Ngesibindi iyakhuluma futhi ithi umprofethi u-Elisha nguye ongaphulukisa uNahamani.—2 AmaKhosi 5:1-3.

Ngenxa yesibindi esibonisayo, uNahamani ufuna u-Elisha futhi uyaphulukiswa. Ngaphezu kwalokho, uNahamani uba umkhulekeli kaJehova! Lesi senzakalo, esilotshwe eBhayibhelini, senzeka ekhulwini leshumi leminyaka B.C.E. (2 AmaKhosi 5:4-15) Intsha eningi namuhla ibonisa isibindi esifanayo ngokukhuluma ngoMbuso. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kwaseMozambique kuyakufakazela lokhu.

UNuno oneminyaka eyisithupha ubudala ungummemezeli wezindaba ezinhle ongabhapathiziwe. Ngisho nangaphambi kokuba abe ummemezeli ongabhapathiziwe, uNuno wayehlanganisa izingane zomakhelwane, athandaze, abese ezifundisa iBhayibheli, esebenzisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.

Ngokuvamile uNuno uvuka ekuseni kakhulu ngoMgqibelo abese ekhumbuza umkhaya wakubo, ethi: “Namuhla siya enkonzweni yasensimini.” Intshiseko yakhe ngenkonzo ibonakala nangezinye izindlela. Lapho ehamba nabazali bakhe enkonzweni yasemgwaqweni eMaputo, ngokuvamile uNuno uthatha isinyathelo kuqala sokuxoxa nabantu. Ngesinye isikhathi, usomabhizinisi othile weza kuye wabuza: “Kungani udayisa labo magazini?” UNuno wathi: “Angibadayisi omagazini, kodwa ngiyayamukela iminikelo yemali yokuxhasa umsebenzi wokushumayela.” Usomabhizinisi waphendula: “Nakuba ngingenasithakazelo, isimo sakho sengqondo nekhono onalo kungihlaba umxhwele. Ngingathanda ukunikelela lo msebenzi.”

Ngesinye futhi isikhathi, uNuno waya kwenye indoda emgwaqweni wayihambisela incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? Le ndoda yabuza: “Awufundi yini kulesiya sikole?” “Kunjalo,” uNuno ephendula, “ngifunda kuso lesiya sikole, kodwa namuhla nginikeza abantu umyalezo obalulekile okule ncwadi. Ibonisa ukuthi ungaphila emhlabeni omusha ozolethwa uNkulunkulu, njengoba kuboniswa esithombeni esikule ncwadi.” UNuno wayengaboni ukuthi indoda akhuluma nayo yayinguthisha ofundisa esikoleni afunda kuso. Uthisha akamukelanga incwadi nje kuphela kodwa manje uthola omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! njalo kuNuno.

Lapho uNuno ebuzwa ukuthi kungani ethanda ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela, uthi: “Ngifuna ukukhuluma nabantu ngibafundise ngoJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu.” Uyenezela: “Futhi asikho isizathu sokuthukuthela uma abantu bengafuni ukulalela.”

Emhlabeni jikelele, izinkulungwane zentsha enjengoNuno ‘zizinikela ngenjabulo’ ukuze zifundise futhi zishumayele ngoMbuso kaNkulunkulu. (IHubo 110:3) Kodwa lokhu akuzenzakaleli. Abazali abafundisa izingane zabo ngoJehova kusukela ziseyizinsana, babeke isibonelo esihle enkonzweni futhi ngentshiseko baphishekele izithakazelo zoMbuso bayovuzwa ngokucebile.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela