Umhlangano “Oyisimanga” Uyabatshazwa
UMSAKAZI waseLima, ePeru, wayebangabaza ngempela oFakazi BakaJehova. Nokho, ngemva kokuba khona komunye wemihlangano yabo yesigodi, indlela yakhe yokucabanga yashintsha ngokumangalisayo. Empeleni, wahlatshwa umxhwele kangangokuba waze wenza ukukhulumela okuhle ezilalelini zakhe emsakazweni. Okulandelayo kuthathwe kulokho akusho:
“Umhlangano wawumangalisa ngempela. Kwakungekho phepha phansi futhi kungekho ngisho nomdayisi lapho. Sasingekho isiminyaminya. Abantu abayizinkulungwane ezinhlanu namakhulu amabili baya enkundleni ngezindleko zabo siqu, omunye nomunye ephethe ibhakede, isikolobho, indwangu yokusula uthuli, ihalavu lokubutha izibi, umshayelo, ibhulashi, amagilavu, nomuthi wokuhlanza ukuze bahlanze indawo futhi bayikolobhe. Uma kudingeka kupendwe, babethatha isinyathelo bapende. Imali yayivelaphi? Babenikela bona ngokwabo! Lapho baziswa ngento okumelwe yenziwe, bonke babesukumela phezulu banikele. Ngempela, iSonto LamaKatolika liyasilela uma kuziwa ezindabeni ezinjengalezi. Ngifisa ukuhalalisela oFakazi BakaJehova nabaqondisi balesi senzakalo. Futhi ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngifisa ukuthi kubo, Kwangathi uNkulunkulu anganisiza futhi anibusise.”
Emadolobheni amaningi emhlabeni nonyaka, oFakazi BakaJehova bazojabulela uMhlangano Wesigodi “Wendlela KaNkulunkulu Yokuphila.” Ingabe uyoba khona?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 32]
“Kwakungekho phepha phansi”