Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 3/1 k. 29
  • Odokotela, Amajaji NoFakazi BakaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Odokotela, Amajaji NoFakazi BakaJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 3/1 k. 29

Odokotela, Amajaji NoFakazi BakaJehova

EMUVA ngo-March 1995, oFakazi BakaJehova baxhasa imihlangano emibili eBrazil. Yayiyini injongo? Ukufuna ukubambisana nabezokwelapha nabomthetho lapho isiguli esisesibhedlela singomunye woFakazi BakaJehova futhi singeke sikwamukele ukumpontshelwa igazi.—IzEnzo 15:29.

Ngokudabukisayo, kwezinye izimo odokotela babeye bazishaye indiva izifiso zeziguli ezingoFakazi futhi bafune imvume yenkantolo ukuze baphoqelele ukumpontshelwa kwegazi. Ezimweni ezinjalo oFakazi basebenzisa noma iyiphi indlela engokomthetho eyayikhona ukuze bazivikele. Nakuba kunjalo, bakhetha ukuba kuxoxiswane kunokuba kuxatshanwe. Ngakho-ke imihlangano yagcizelela ukuthi kunezindlela eziningi ezingasetshenziswa esikhundleni sokwelashwa ngokumpontshelwa igazi lomunye umuntu nokuthi oFakazi BakaJehova bazemukela ngenjabulo.a

Umhlangano we-Regional Council of Medicine yaseSão Paulo wawusuye wakusekela kakade ukuma koFakazi. Ngo-January 1995, wanquma ukuthi uma isiguli singavumelani nokwelapha okutuswa udokotela, sinelungelo lokukwenqaba nokukhetha omunye udokotela.

Kuyancomeka ukuthi manje kunamakhulu odokotela emphakathini wezokwelapha waseBrazil azimisele ukwelapha ngaphandle kwegazi iziguli zawo ezikucelayo. Kusukela ngemihlangano ka-March 1995, ukubambisana phakathi kodokotela, amajaji, noFakazi BakaJehova eBrazil kuye kwathuthuka ngokuphawulekayo. Ngo-1997 umagazini wezokwelapha waseBrazil i-Âmbito Hospitalar wanyathelisa isihloko esagcizelela ukuthi amalungelo oFakazi BakaJehova okuma kwabo ngokuqondene negazi kumelwe ahlonishwe. Manje sekuqashelwa kabanzi ukuthi, “umsebenzi kadokotela wokuvikela impilo yesiguli sakhe akufanele weqele ngalé komsebenzi wakhe wokusekela ilungelo lokuzikhethela kwesiguli,” njengoba kwasho i-Regional Councils of Medicine yamazwe aseRio de Janeiro naseSão Paulo.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwajana engangomagazini ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, enyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela