Kungani Bekwenza?
UNYAKA ngamunye izinkulungwane zoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke zihlangana ndawonye emihlanganweni emikhulu. Lapho, zijabulela ubudlelwane futhi zilalele isimiso esihle semfundo yeBhayibheli. Abanye benza imizamo emikhulu ukuze babe kule mihlangano emikhulu. Ngokwesibonelo, ngonyaka odlule eMalawi umbhangqwana ongaba neminyaka ephakathi kwawo-60 ubudala, nendodana yawo nomkayo nomntwana, bahamba amakhilomitha angu-80 ngebhayisekili beya emhlanganweni omkhulu. Basuka edolobhaneni abahlala kulo ngehora lesithupha ekuseni futhi bafika emagcekeni omhlangano emahoreni angu-15 kamuva.
EMozambique, iqembu lahamba izinsuku ezintathu ngebhayisekili liya emhlanganweni omkhulu. Ngobunye ubusuku, njengoba lalikanise endaweni evulekile, lezwa amabhubesi ebhonga eduze nalapho. Nakuba laliphonsa izikhuni ezivuthayo ngalapho la mabhubesi ayengakhona, aqhubeka elapho kwaze kwasa. Omunye uFakazi owayeya emhlanganweni ofanayo wabhekana ubuso nobuso nebhubesi elalisemgwaqweni. Wema wathi khímilili enganyakazi laze lahamba ibhubesi. Emhlanganweni lab’oFakazi balandisa ngenjabulo ngendlela ‘abakhululwa ngayo emlonyeni wengonyama.’—2 Thimothewu 4:17.
Abaningi boFakazi BakaJehova benza imizamo emikhulu ukuze babe khona emihlanganweni emikhulu noma ngisho nasemihlanganweni yebandla yokukhulekela yamasonto onke. Kungani bekwenza? Izihloko ezilandelayo zizokusiza ukuba uqonde ukuthi kungani ukuhlangana ndawonye kubaluleke kangaka.