“Iyi-Interlinear YeTestamente Elisha Engcono Kakhulu Ekhona”
YILEYO indlela uDkt. Jason BeDuhn achaza ngayo i-Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures. Uyachaza:
“Ngisanda kuqeda ukufundisa isifundo eMnyangweni Wezifundo Zenkolo e-Indiana University, eBloomington, [U.S.A.] . . . Lesi ngokuyinhloko yisifundo samaVangeli. Naba usizo ngamakhophi enu e-Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures abafundi bami abawasebenzisa njengenye yezincwadi zekilasi. Le miqulu emincane yayibaluleke kakhulu kulesi sifundo futhi abafundi bami babeyithanda kakhulu.”
Kungani uDkt. BeDuhn esebenzisa inguqulo i-Kingdom Interlinear ezifundweni zakhe zasekolishi? Uyaphendula: “Kalula nje, iyi-interlinear [ukuhumusha okuphakathi kwemigqa] yeTestamente Elisha engcono kakhulu ekhona. Ngiyisazi seBhayibheli esiqeqeshiwe, esijwayelene nemibhalo namathuluzi asetshenziswayo ezifundweni zeBhayibheli zanamuhla, futhi, ngeshwa angiyena omunye woFakazi BakaJehova. Kodwa ngiyakwazi ukubona incwadi esezingeni eliphezulu uma ngiyithola, futhi ‘iKomiti Yezwe Elisha Yokuhumusha IBhayibheli’ yenhlangano yenu iwenze kahle umsebenzi wayo. Ukuhumusha kwenu kwesiNgisi okuphakathi kwemigqa kunembile futhi kuvumelana ngendlela ephoqa umfundi ukuba alibone kahle igebe lolimi, isiko, nokwehlukana kwemiqondo phakathi kwabakhuluma isiGreki kanye nathi. ‘INguqulo Yezwe Elisha’ yenhlangano yenu yinhle kakhulu, iwukuhunyushwa kwezwi nezwi okuthembekile esiGrekini okugwema izimfundiso eziyisiko ezingamanga. Ngezindlela eziningi, iphakeme kunezinguqulo eziningi eziqashelwayo ezisetshenziswayo namuhla.”
I-Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures inyatheliswa oFakazi BakaJehova ukuze kusizwe abathandi beZwi likaNkulunkulu bajwayelane nemibhalo yesiGreki yokuqala yeBhayibheli. Iqukethe i-New Testament in the Original Greek ngakwesobunxele sekhasi (eyahlanganiswa nguB. F. Westcott noF. J. A. Hort). Ukuhumusha kwezwi nezwi kwesiNgisi kutholakala ngaphansi kwemigqa yemibhalo yesiGreki. Ohlwini oluncane ngasesandleni sokudla kukhona i-New World Translation of the Holy Scriptures, ekuvumela ukuba uqhathanise ukuhumusha okuphakathi kwemigqa nokuhumusha kweBhayibheli lesiNgisi lanamuhla.