Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukukhuthazela Kuholela Esibusisweni SikaNkulunkulu Emalawi
UJOSEFA wayeyinceku kaJehova ekholekile. (Heberu 11:22) Futhi wayeyindoda evelele ngokukhuthazela. Ngisho noma akhashelwa abafowabo, wathengiswa ebugqilini kabili, futhi kamuva wafakwa etilongweni ngokumangalelwa okungamanga, uJosefa akazange aphele amandla. Kunalokho, wakhuthazelela iminyaka yosizi ngesineke, elindele isibusiso sikaJehova ngokuthobeka.—Genesise 37:23-28, 36; 39:11-20.
Ngokufanayo nanamuhla, oFakazi BakaJehova eMalawi baye balindela isibusiso sikaNkulunkulu ngesineke. Iminyaka engu-26, la maKristu angoFakazi akhuthazelela ukuvinjelwa uhulumeni, ukuphikiswa okunzima, nezenzo zonya eziningi. Kodwa ukukhuthazela kwawo kuye kwawazuzisa!
Lapho kuqala ushushiso eMalawi ngasekupheleni kuka-1967, kwakunabamemezeli boMbuso abacishe babe ngu-18 000. Ake ucabange ngenjabulo yoFakazi lapho bezwa ukuthi unyaka wenkonzo ka-1997 waqala ngenani elisha labamemezeli abangu-38 393—elingaphezulu ngokuphindwe kabili kwenani labo ngesikhathi kuqala ukuvinjelwa! Ngaphezu kwalokho, inani lababekhona eMihlanganweni Yesigodi “Yezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” engu-13 eMalawi lakhuphuka laba ngaphezu kuka-117 000. Ngempela, uJehova uye wabusisa ukholo nokukhuthazela kwabo.
Isibonelo salesi sibusiso indaba yensizwa okuthiwa uMachaka. Lapho uMachaka evuma ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, abazali bakhe bathukuthela bagan’unwabu. Bathi: “Uma ufuna ukuba uFakazi, kumelwe uphume uphele lapha ekhaya.” Nokho, lolu songo aluzange lumthene amandla ekuqhubekeni nesifundo sakhe. Ngenxa yalokho, abazali bakaMachaka bamephuca zonke izingubo zakhe zokugqoka. Abazalwane bamthengela ezinye. Lapho abazali bakaMachaka bezwa ngalokhu, bamtshela: “Uma oFakazi bezokondla, kumelwe uhambe uyohlala nabo.” Ngemva kokuyicabangisisa kahle le ndaba, uMachaka wahamba ekhaya, futhi wathathwa umkhaya woFakazi ebandleni lasendaweni.
Abazali bakaMachaka bathukuthela kangangokuthi banquma ukuthutha kuleyo ndawo ukuze bagweme konke ukuthintana noFakazi. Yebo, uMachaka kwamcindezela lokhu, kodwa wathola induduzo enkulu lapho abazalwane bexoxa naye ngeHubo 27:10, elithi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.”
Ngokuhamba kwesikhathi, abazali bakaMachaka bathamba esimweni sabo, futhi wanquma ukuphindela ekhaya. Ngokusobala ukuzimisela kwendodana yabo ukukhonza uJehova kwaba namandla kubo ngoba nabo bafuna ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli ngoFakazi BakaJehova! Futhi baba khona ngazo zontathu izinsuku eMhlanganweni Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu,” futhi ngemva kwalokho bashukunyiselwa ukuba bathi: “Ngempela, lé inhlangano kaNkulunkulu.”
Yebo, ukuphikiswa kungase kube uvivinyo, kodwa izithunywa zikaNkulunkulu ezithembekile azikhathali. Ziqhubeka ngesibindi, zazi ukuthi “usizi luveza ukukhuthazela; ukukhuthazela kona kuveza isimo sokwamukelwa.” (Roma 5:3, 4) OFakazi BakaJehova eMalawi bangakufakazela kahle ukuthi ukukhuthazela kuholela esibusisweni sikaNkulunkulu.