Adumisa Umdali Wawo Buthule
UKUSHONA KWELANGA kungumbukwane ngokwemvelo. Kodwa ukubuka ilanga lehla ngemva kwalentaba yase-Apuan Alps eTuscany, eNtaliyane, ngokuqinisekile akufani nalutho.
Uma ulibuka ukude, ilanga kubonakala sengathi liwela entabeni kunokuba lehle emva kwayo. Ngani? Ngoba isiqongo sentaba sinekhothamo lemvelo elibonakala sengathi lakhiwa ngokugubha intaba. Ngempela, lenhlonhlo iye yalifanelekela igama layo elithi, Monte Forato—iNtaba Ebhotshoziwe. Ngenxa yokuzungeza komhlaba ilanga, lombukwane welanga okungathi lehlela eMonte Forato, kulabo abalibuka ngekhothamo, ungabonakala kabili kuphela unyaka ngamunye.
Njengezinye izici zendalo, amazulu angaphili adumisa uMdali wawo. Kanjani? Ngendlela efana naleyo umfanekiso odwetshwe kahle ongaletha ngayo udumo kumdwebi wawo. Empeleni, izindikimba zasezulwini zikhuluma ngamandla kaJehova, ukuhlakanipha, nobukhosi. Njengoba umhubi ekubeka, “amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.” (IHubo 19:1; 69:34) Njengoba ilanga nezinye izindikimba ezingakhulumi zidumisa uMdali wazo, kangakanani-ke ngathi!—IHubo 148:1, 3, 12, 13.