Impendulo Eyinselele
I-CATHOLIC HERALD, iphephandaba laseBrithani lamaRoma Katolika, muva nje inyathelise lencwadi elandelayo ivela kumfundi othile eWales: “Ngobunye ubusuku, kwafika oFakazi BakaJehova ababili kwami. Ngakwazi ukusho ukuthi kwakuyiSonto LamaKatolika elaliqinisekise ubufakazi bobuqiniso beTestamente Elisha ababecaphuna kulo. Okwangimangalisa, omunye wabo wavuma. ‘Yebo,’ esho, ‘niyaliqinisekisa kodwa anililandeli. UJesu wathi, “nithandane njengoba nje nami nginithandile,” kodwa nina niyabulalana. Empini yokugcina, amaKatolika abulala amaKatolika, kodwa akekho uFakazi KaJehova owabulala [omunye] uFakazi.’ Yini engangingayenza ngaphandle kokuvuma? Singabuthandazela kanjani ubunye ‘nabazalwane bethu abasihlubuka’ kuyilapho thina singenabo ubunye bangempela phakathi kwethu? Ingabe akumelwe silungise leli hlazo kuqala?”—Johane 15:12.
Izimpi ezimbili zaleli khulu lama-20, zombili zaqala kweLobukholwa futhi zabulala abantu ababalelwa ezigidini ezingu-50 kuya kwezingu-60. Nokho, kungashiwo ngokuqinisekile ukuthi oFakazi BakaJehova abazange bahlanganyele kulezo zimpi, futhi abahilelekile kunoma yikuphi ukulwa okuqhubekayo manje. Kwenzeka kanjani lokhu? Kungakuzuzisa ukuthola okwengeziwe ngezibopho eziqinile zothando lobuKristu nobunye oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezinhlanu emhlabeni wonke abanazo.—Qhathanisa no-Isaya 2:4.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
U.S. National Archives photo