‘Yenzani Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi’
“NGAKHO-KE hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” Lena indlela INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ehumusha ngayo umyalo kaJesu kuMathewu 28:19. Nokho, lokhu kuhumusha kuye kwagxekwa. Ngokwesibonelo, elinye ipheshana lenkolo lithi: “Ukuphela kokuhunyushwa okuvunyelwa umbhalo wesiGreki ukuthi: ‘Yenzani izizwe zonke abafundi!’” Ingabe lokhu kuyiqiniso?
Lokhu kuhumusha, “Yenzani izizwe zonke abafundi,” kuvela ezinguqulweni eziningi zeBhayibheli futhi kuwukuhunyushwa kwezwi nezwi kwesiGreki. Khona-ke, isiphi isisekelo esikhona sokuba kufundeke ngokuthi, “Niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize”? Umongo. Inkulumo ethi “nibabhapathize” ngokusobala ibhekisela kubantu ngabanye, hhayi izizwe. Isazi esingumJalimane uHans Bruns sithi: “Ukuthi ‘niba-’ akubhekiseli ezizweni (isiGreki sihlukanisa kahle), kodwa kubantu abasezizweni.”
Ngaphezu kwalokho, kumelwe kucatshangelwe indlela umyalo kaJesu owafezwa ngayo. Ngokuqondene nenkonzo kaPawulu noBarnaba eDerbe, idolobha elise-Asia Minor, siyafunda: “Ngemva kokumemezela izindaba ezinhle kulowomuzi nokwenza abafundi abaningana, babuyela eListra nase-Ikoniyu nase-Antiyokiya.” (IzEnzo 14:21) Phawula ukuthi uPawulu noBarnaba abenzanga idolobha laseDerbe laba abafundi, kodwa kwaba ngabanye babantu baseDerbe.
Ngokufanayo, mayelana nesikhathi sokuphela, incwadi yesAmbulo ayibikezelanga ukuthi izizwe zonke zaziyokhulekela uNkulunkulu, kodwa ukuthi “isixuku esikhulu . . . siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi” sasiyokwenza kanjalo. (IsAmbulo 7:9) Ngakho-ke, INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ilwelwa njengenguqulo enokwethenjelwa yayo ‘yonke imiBhalo, ephefumulelwe uNkulunkulu.’—2 Thimothewu 3:16.