Ukuhloba Ngecici Legolide
KUSUKELA ezikhathini zasendulo, ubucwebecwebe begolide babaziswa kakhulu ngenxa yenani nobuhle balo. Lapho eba undunankulu eGibithe, uJosefa wathola umgexo wegolide kuFaro. (Genesise 41:42) URebeka wanikezwa icici legolide namasongo egolide amabili, okungabiza amaRandi angu-R6 200 ngokwenani lanamuhla. (Genesise 24:22) Ngokungangabazeki, lezi zipho eziyigugu bazamukela ngokubonga futhi bazisebenzisa ngentokozo.
IBhayibheli likhuluma ngobucwebecwebe obungokomfanekiso obubudlula kude lobo obabugqokwa uJosefa noRebeka. IzAga 25:12 zithi: “Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo, unjalo umsoli [“umeluleki,” NW] ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.” Lapho umeluleki enikeza iseluleko esisekelwe eZwini likaNkulunkulu kunokuba anikeze umbono wakhe siqu, ngempela udlulisela isipho esiyigugu. Ngani? Ngoba ngokuyinhloko iseluleko esinjalo sivela kuJehova ngokwakhe. IBhayibheli liyasitshela: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe. Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.” (IzAga 3:11, 12) Lapho isilaleli samukela iseluleko ngokuthobeka futhi sisisebenzisa, kunjengokungathi sizihlobisa ngecici legolide. Kunjengoba nje isaga esiphefumulelwe seBhayibheli sisho: “Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide.”—IzAga 3:13, 14.