Ukuqwasha Okwakunenzuzo
NAMAKHOSI imbala ayaqwasha. Umbusi onamandla wasePheresiya ekhulwini lesihlanu B.C.E., u-Ahashiveroshi, wabhekana nakho. Mhlawumbe enomuzwa wokuthi kunomsebenzi othile ayewushaye indiva, wacela ukuba afundelwe izincwadi zezindaba zasebukhosini. Wathola ukuthi inceku ekholekile, uMoridekayi, wayebhuntshise icebo lokubulawa kwakhe kodwa wayengazange aklonyeliswe. U-Ahashiveroshi wazimisela ukulungisa leli phutha ngokushesha. Imiphumela eyinzuzo yezenzo zakhe kubantu bakaNkulunkulu ibonisa ukuthi ukuqwasha kwenkosi kwakunembangela engokwaphezulu.—Esteri 6:1-10.
Ibandla loFakazi BakaJehova eNingizimu Afrika edolobheni laseHermanus elingasogwini linesizathu sokukhumbula lengxenye yeBhayibheli. Lalivame ukuhlangana ehholo elaliliqashile. Laliye lazama iminyaka eminingi ukuthenga indawo ukuze lizakhele elalo iHholo LoMbuso. Ekugcineni, ngo-1991, uMkhandlu Wedolobha wathembisa ukubathengisela isiza esihle.
Nokho, abanye baphikisana nokuthengiselwa koFakazi BakaJehova lesi siza. Ngemva kokubambezeleka izinyanga eziningana, ibandla latshelwa ukuthi ukuthengiselwa kwamasonto indawo kusazomiswa iminyaka emithathu, futhi kwahoxiswa ukuthengiswa kwaleyo ndawo. Ngo-May 1993 ibandla laphinde labhala, licela umkhandlu ukuba uphinde ucabangele isinqumo sawo. Lathola impendulo yencwadi eyayinomusho owodwa, ichaza ukuthi ukuvinjelwa kusaqhubeka.
Ngo-October walowo nyaka, omunye wamalungu omkhandlu wedolobha waqwasha ebusuku. Wachitha leso sikhathi ephenya imibhalo yalokho okwaxoxwa ngakho emihlanganweni edlule yomkhandlu, ebheka ukuthi zikhona yini izindaba ezazidinga ukunakekelwa. Wakhangwa yincwadi eyayibhalwe ngoFakazi becela umkhandlu ukuba uphinde ucabangele isinqumo sawo. Ngakho wanquma ukufaka lolu daba esimisweni somhlangano wabo olandelayo. Wayefuna ukuphawula ukuthi oFakazi BakaJehova babefake isicelo sendawo ngaphambi kokuba kumiswe ukuthengiselwa kwamasonto izindawo.
Ngesikhathi esifanele ibandla lanikezwa yona leyo ndawo efanayo elalithenjiswe yona ngo-1991! Ingasemgwaqweni omkhulu, okwenza amalungu ebandla nabantu abathakazelayo bafinyelele kuyo kalula. Baye bakha iHholo LoMbuso elihle, elanikezelwa kuJehova ngo-October 5, 1996.
Nakuba ibandla lidabuka ngokuphazamiseka kwelungu lomkhandlu ngenxa yokuqwasha, lingase liduduzwe iqiniso lokuthi ngisho neNkosi u-Ahashiveroshi yake yaqwasha. Futhi umphumela kuzo zombili izimo wawuzuzisa. Ibandla laseHermanus ngokuqinisekile libonga kakhulu ngokuba nelalo iHholo LoMbuso, isikhungo sokukhulekela okuhlanzekile nokuqeqeshwa okungokwasezulwini kuleli dolobha elithandwayo elingasogwini.—Heberu 10:24, 25.