Ukubonisa Uthando Kulabo Abaswele
AMAKRISTU anakho kokubili isibopho nelungelo lokubonisa uthando kubafowabo nodadewabo abaswele. (1 Johane 3:17, 18) Umphostoli uPawulu wabhala: “Masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Umzalwane osekhonze uJehova iminyaka ecishe ibe amashumi amane muva nje wezwa uthando lobuzalwane bobuKristu phakathi nokugula nokushona komkakhe okwalandela. Uyabhala:
“Njengoba nganginakekela umkami ekhaya phakathi nokugula kwakhe, ngangingakwazi ukuya emsebenzini cishe izinyanga ezimbili. Yeka indlela engakhululeka ngayo lapho abangane ebandleni besisiza ngokuzithandela! Izipho eziningi zemali—‘ukuze isisize ezindlekweni ezengeziwe,’ njengoba amakhadi ahambisana nazo ayesho—zakhokha imali esasiyitshelekile, izinkozo zikamasipala, nezinye izindleko.
“Emasontweni amabili ngaphambi kokushona komkami, umbonisi wethu wesifunda wasivakashela ezosikhuthaza. Wasibonisa ngisho nama-slides ibandla elalizowabukela ekupheleni kwesonto. Sakwazi ukulalela imihlangano ngocingo—kuhlanganise nemihlangano yenkonzo yasensimini eqhutshwa umbonisi wesifunda. Komunye wayo, wacela bonke ababekhona enkonzweni yasensimini njengeqembu ukuba bathi ‘sawubona,’ kumkami. Ngakho, ngisho nakuba ayeyedwa ngokomzimba, akazange azizwe eyedwa.
“Kungakapheli nehora eshonile, cishe bonke abadala base besendlini yami. Ngalolo suku nje kuphela abazalwane nodade abangaphezu kwekhulu bangivakashela. ‘Ngokuyisimangaliso’ bonke ababekhona bakuthola ukudla. Angikwazi ukuzibala zonke izipho, amazwi ozwela, amazwi enduduzo, nemithandazo engayenzelwa. Yeka ukuthi lokhu kwakuqinisa kanjani! Ekugcineni kwadingeka ngibacele abafowethu ukuba bayeke ukunginikeza ukudla nokusiza ekuhlanzeni indlu!
“Iyiphi enye indawo ngaphandle kwenhlangano kaJehova lapho singathola khona, amazwi ozwela, ukukhathalela, nothando okungenabugovu kanje? Abantu abaningi namuhla banabangane beqiniso abambalwa kakhulu. UJehova uye wasibusisa ngomkhaya omkhulu wabafowethu nodadewethu abangokomoya!”—Marku 10:29, 30.