Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 9/15 k. 32
  • Izithembiso Zikabani Ongathembela Kuzo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izithembiso Zikabani Ongathembela Kuzo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 9/15 k. 32

Izithembiso Zikabani Ongathembela Kuzo?

NGO-1893 iqembu lezazi zezokuhlalisana kwabantu labangu-74 lahlangana e-Chicago World’s Fair lizoxoxa ngekusasa. (Indawo yayo ivezwe ngenhla.) Libheke phambili eminyakeni eyikhulu ngo-1993, phakathi kokunye labikezela lokhu: “Abantu abaningi bayophila iminyaka engu-150.” “Amajele ayoncipha futhi ukuhlukanisa kuyobhekwa njengokungadingekile.” “Uhulumeni ngeke usaba inkimbinkimbi, njengoba ngaso sonke isikhathi ukuphumelela kweqiniso kuthambekele ekwenzeni izinto zibe lula.”

Ngokufanayo, ngo-1967 incwadi enesihloko esithi The Year 2000 yabikezela: “Ngonyaka ka-2000, ama-computer cishe ayolingana, alingise, noma awedlule kude amakhono nokuhlakanipha ‘komuntu,’ mhlawumbe okuhlanganisa namanye amakhono omuntu obuhle nawokusungula.” “Umqondo wamarobhothi abiza kahle enza umsebenzi omningi wasekhaya . . . ubonakala unengqondo ngonyaka ka-2000.”

Ukungakwazi komuntu ukubona kusengaphambili izenzakalo zesikhathi esizayo kuphambene ngokuphelele nekhono likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, qhathanisa izibikezelo ezingenhla nalokho iBhayibheli elakubikezela cishe emakhulwini angu-20 eminyaka adlule mayelana nosuku lwethu: “Abantu bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya, abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, benesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bezibonakalisa bengathembekile emandleni ako.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Lesi siprofetho seBhayibheli ngokuphathelene ‘nezinsuku zokugcina’ simane singesinye seziningi eziye zagcwaliseka osukwini lwethu. IZwi likaNkulunkulu labikezela ukuthi “isibonakaliso” sokuba khona kukaJesu sasiyohlanganisa impi yezwe, ukusweleka kokudla, izifo eziwumshayabhuqe, ukuzamazama komhlaba, nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke.—Mathewu 24:3-14; Luka 21:11.

Ukunemba okungenaphutha kwezithembiso zikaNkulunkulu kwashukumisela omunye umlobi weBhayibheli emakhulwini eminyaka adlule ukuba amemezele: “Akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani. Kwenziwa konke kini. Akuphuthanga nento eyodwa kukho.”—Joshuwa 23:14.

Yebo, singaqiniseka ukuthi zonke izithembiso zikaNkulunkulu zizofezeka ngokushesha. UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ukugula, ubugebengu, ukuluthwa izidakamizwa, indlala, nempi—umhlaba wonke uyoba ipharadesi. (IHubo 37:10, 11, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Ungathembela ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho! Sivela kuMdali wethu, “ongenakuqamba amanga.”—Thithu 1:2; qhathanisa namaHeberu 6:13-19.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Cleveland State University Archive

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela