Isibani Sokukuqondisa Endleleni Yokuphila
“NGIYAZI, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo. Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Ngalamazwi umprofethi uJeremiya wayebonisa ukuthi abantu abanakukwazi ukuqondisa ngokuphumelelayo indlela yokuphila ngaphandle kosizo. Lungatholakalaphi usizo olunjalo? Umhubi uyaphendula emkhulekweni wakhe kuJehova uNkulunkulu: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.”—IHubo 119:105.
Labo abazimisele ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele, futhi basebenzise lokho elikushoyo bayokuba njengomuntu oqala uhambo kusempondo zankomo. Ekuqaleni, akaboni kahle ngoba kusemnyama. Kodwa njengoba ilanga liqala ukuphakama, uya ebona. Ekugcineni, kuba semini bebade. Ubona yonke into ngokucace bhá. Umfanekiso onjalo usikhumbuza isaga seBhayibheli esithi: “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini.”—IzAga 4:18.
Kuthiwani ngalabo abenqaba isiqondiso sikaNkulunkulu? IBhayibheli lithi: “Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.” (IzAga 4:19) Yebo, ababi banjengomuntu okhubeka ebumnyameni. Ngisho nalokho okubonakala kuwukuphumelela kwabo kumane kungokwesikhashana nje, ngoba “akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, neseluleko, okungamelana noJehova.”—IzAga 21:30.
Ngakho-ke, landela isiqondiso seZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Uma wenza kanjalo, uyowathola eyiqiniso amazwi ezAga 3:5, 6 athi: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”