INkantolo Ephakeme YaseConnecticut Isekela Amalungelo Esiguli
Ngo-April 16, 1996, iNkantolo Ephakeme yaseConnecticut, e-U.S.A., yasekela ilungelo loFakazi BakaJehova lokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Lesi sinqumo saphikisa leso esasenziwe ngaphambili inkantolo yendawo.
Ngo-August 1994, uNelly Vega, ongomunye woFakazi BakaJehova, waqala ukopha kakhulu ngemva kokubeletha ingane yakhe yokuqala. Imizamo yokunqanda ukopha kwakhe ayiphumelelanga. Njengoba isimo sikaNkk. Vega sasiya siba sibi, isibhedlela safuna ukuthola umyalo wenkantolo ogunyaza ukuba ampontshelwe igazi. UNkk. Vega wayeselisayinile kakade ikhadi eliyala ukuba kungalokothwa kusetshenziswe igazi noma imikhiqizo yalo phakathi nesikhathi esesibhedlela, ngaleyo ndlela ekhulula isibhedlela kunoma yiliphi icala ngemiphumela yokwenqaba kwakhe. Nakuba kunjalo, isibhedlela saphikisa ngokuthi ukuphoqelela ukumpontshelwa kwegazi kuyozuzisa usana, lolo isibhedlela esathi, luyamdinga unina. Inkantolo yendawo yayikhathazeke nangokuthi, ngaphandle kokulahlekelwa kwakhe igazi, uNkk. Vega wayengowesifazane osemncane, onempilo. Ngakho, naphezu kokuba umyeni kaNkk. Vega nommeli wakhe babephikisene nalokhu, inkantolo yanikeza umyalo futhi ukumpontshelwa kwenziwa.
Ngokuhamba kwesikhathi, icala ladluliselwa eNkantolo Ephakeme yaseConnecticut. Lapho, kwanqunywa ngazwi-linye ukuthi isenzo sesibhedlela sasephule amalungelo kaNkk. Vega. Isinqumo sathi: “Ukuqulwa kwecala enkantolo yamacala kwenziwa ezinzulwini zobusuku, ngaphansi kwezimo eziphuthuma kakhulu ezazingakuvumeli ukuba noma iliphi iqembu liveze ngokuphelele uhlangothi lwalo lwendaba.”
Lesi sinqumo seNkantolo Ephakeme yaseConnecticut sibalulekile nakubantu abangebona oFakazi BakaJehova. “Sibaluleke kuzo zonke iziguli ezingase zingavumelani nezinqumo zodokotela bazo,” kusho uDonald T. Ridley, ummeli kaNkk. Vega. “Lesi sinqumo siyovimbela izibhedlela ekuchilizeni izindinganiso zeziguli, kungakhathaliseki ukuthi zingokwenkolo noma cha.”