“Amagugu Eqiniso”
“Amagugu eqiniso.” Ibachaza kanjalo omagazini ababili abakhethekile incwadi eyayibhalelwe igatsha laseNigeria loFakazi BakaJehova. Umbhali, okwakuyinsizwa esencane, uyachaza:
“Ngibhala ukuze ngibonge ngobuqotho imizamo yenu ngokuthinta cishe zonke izici zokuphila kwansuku zonke ngomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
“Ngineminyaka engu-17 ubudala. Ngonyaka odlule isiteshi somsakazo sasendaweni saxhasa umncintiswano wokubhala indaba ngesihloko esithi ‘Kunokwengeziwe Othandweni Kunobulili—Ingculaza Ingokoqobo.’ Indaba ngayinye kwakumelwe ingabi ngaphansi kwamagama angamakhulu amane. Indaba ezishaye zonke yayizoklonyeliswa ngama-naira angu-1 000 [R58,50]. Yiqiniso, bathi, abantu kufanele bangabhaleli ukuwina umklomelo nje kuphela, kunalokho, ukuba kufundwe okuthile. . . .
“Ngathola ukwaziswa ngengculaza kubo bobabili omagazini. Ngokuphathelene nothando, kwakunezihloko eziningi. Ngasebenzisa amaphuzu e-Phaphama! ka-August 8, 1978.
“Kungakapheli nezinyanga ezimbili ngemva kokuba ngithumele indaba yami, imiphumela yakhishwa. Ngokumangalisayo ngaphuma phambili ezifundeni zaseCross River nase-Akwa Ibom!
“Konke ukwaziswa engakusebenzisa ngangikuthathe kulabomagazini. Ngempela kuyamangalisa ukuthi uJehova usilungiselela ukwaziswa okufike ngesikhathi kulelizwe elinezinkathazo neligulayo. NjengamaKristu eqiniso, siyazi ukuthi kukhona okuningi ngokwengeziwe othandweni kunobulili. Futhi, ngempela ukuphila ukuphila okuhlanzekile nokokuziphatha okuhle kusivikela ezifweni ezinjengengculaza.
“Ngizizwe nginesibopho sokunibonga ngalamagugu eqiniso eniwakhiqiza ngokungakhathali. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa imizamo yenu njengoba niqhubeka nilungiselela labomagazini abayigugu.”